Elinye le-PSL seligaxele ogibeni lwesigwebo seFifa
Intatheli yeLisenethini
I-TS Galaxy seyibe yikilabhu yakamuva yePremier Soccer League (PSL) ukuvinjelwa ukubhalisa abadlali.
IRockets, edlala esigabeni se-PSL, iqede endaweni yesihlanu kwilogi yeDStv Premiership ka-2023/24, kanti kushode kancane iqede endaweni yesine, yashweba le ndawo ngosuku lokugcina lwemidlalo.
Ukube beyiyitholile le ndawo, ibizobuyela emidlalweni yeCaf Confederation Cup okwesibili emlandweni wayo.
Yayingene okokuqala ngo-2019/20, kulandela ukunqoba kwayo iNedbank Cup, la yahlulwa khona iKaizer Chiefs kowamanqamu.
Umqeqeshi oyinhloko uSead Ramovic nethomba lakhe lakhe benze umsebenzi oncomekayo ukuthuthukisa leli qembu.
Lokhu bakwenze naphezu kokulahlekelwa ngabadlali abambalwa abamqoka kumasizini amabili edlule.
Kodwa-ke, isizini ka-2024/25 ingaba yinselelo enkulu njengoba ikilabhu ibhekene nokuvinjelwa ukubhalisa abadlali abasha emawindini amathathuu okuhwebelana ngabadlali.
Lolu daba lusukela engxabanweni yenkontileka nomgadli wase-Ivory Coast, uBernard Yao Kouassi, ojoyine ikilabhu ngoMasingana ka- 2023.
Lo mgadli wahamba ngoNcwaba wonyaka ofanayo engakaze abonakale nakanye enkundleni.
Nogokubika kwe-iDiski Times, amadokhumenti avela kwiFifa aqinisekisa ukuvinjelwa kwaleli qembu le-PSL kusukela ngomhla ka-12 kuNhlangilana ka-2024.
OLUNYE UDABA: Icela ukuxegiselwa ingcindezi indodana kaScara Ngobese
I-TS Galaxy manje isiyikilabhu yesine ukuthola lwesi sigwebo kwiFifa, ilandela iRoyal AM, iRichards Bay ne-JDR Stars.