Ezintsha

Icela ukuxegiselwa ingcindezi indodana kaScara Ngobese

ULwandle Yende ukhala ngokuthi abantu bafuna ukuthi avele afike ezingeni likaScara Ngobese nje esikhaleni kanti lokhu uyazi kuyasetshenzelwa.

“Mina ngifuna ukuzakhela elami igama ebholeni, angifuni ukuphila ngaphansi kwesithunzi sikababa,” kusho indodana kaScara.

UScara Ngobese wazakhela igama ebholeni lakuleli, futhi waba ngumdlali osematheni ikakhulukazi ngesikhathi edlala kwiKaizer Chiefs. 

Umjiko wakhe wawushiya abalandeli bengakholwa, beshaya nezandla befisa aphinde omunye. 

“Ngicela abantu ababethanda ubaba nabalandeli bebhola bangangiqhathanisi naye.

“Ubaba akamina, angiyena ubaba kodwa ngiyindodana yakhe nje kuphela. 

“Kukhona engakubamba uma ngabe ubaba wayedlala kodwa iziphiwo zabantu azifani nhlobo,” kuchaza uLwandle Yende. 

Le ndodana kaScara Ngobese seyika yajiika esikhungweni seChiefs le okwakudlala kuyo uyise. 

Kodwa manje seyisenkulisa yeSuperSport United okuyila seyicijwa khona kahle ikhono layo. 

ISuperSport iyaziwa ngokubanika ithuba abadlali abasebancane abenza kahle ezinkulisa zayo.

“Ngithanda ukubonga abaqeqeshi bami kwiSuperSport United abangicijayo baphinde bangelekelele kakhulu lapho nginamaphutha khona.

“Bafuna ngikwazi ukushaya amabhola amade,” kuphetha uLwandle. 

Uqhamuka ebholeni nje ulandela umfana kaBenedict “Tso” Vilakazi, uThato Mahlamme odlala kwiRichard Bay. 

Kukhona noSamkelo Zwane ozalwa u-Eugene Zwane kanti yena useqenjini elikhulu kwiChiefs udlala. 

UReatlegile Mosimane ongumfana kaPitso Mosimane usenkulisa yeChiefs, bese uNeo Manyathela, okungumfana kaLesley Manyathela abe kwiHighlands Park. 

Ngokomlando webhola lakuleli, bonke abadlali abalandela oyise, bagcina bengafikanga ezingeni elabonwa kubo. 

Lokhu kungenxa yokuthola ingcindezi ngodumo lobaba babo.