Ezintsha

Owayevimba kwiBucs nenselelo kwawe-PSL ngonozinti 

Njengoba eyinxusa le-Engen Knockout Cup, iLisenethini ithole ithuba lokuxoxisana naye uBrighton Mhlongo owayevimba.

Lo mqhudelwano uyaqhubeka eThekwini kanti uvamise ukukhipha abadlali abagcina befike ezigabeni zebhola elikhokhelayo.

Kwabanye babatholakala ngalo mqhudelwano singabala uGeorge Maluleka wodumo kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns. 

UBrighton Mhlongo ukhathazwa ngamaqembu adlala kwiDStv Premiership neMotsepe Foundation Championship – okuyizigaba zePremier Soccer League. 

Uwasola ngokuthi awabaniki ithuba onozinti bakuleli, kodwa akholelwa kakhulu kwabangaphandle. 

“Ngibona ukuthi lokho kudala umonakalo omkhulu emaqenjini naseqenjini lesizwe iBafana Bafana. 

“Uzokhumbula ukuthi ngaphambilini bekuno-Andre Arendse, uBrain Baloyi, uRowen Fernandes, u-Emille Baron, uJohn Tlale, uHans Vonk, noPeter Evans. 

“Ngemuva kwalokho sibe no-Itumeleng Khune, uSenzo Meyiwa, uMoeneeb Josephs, kanti manje sinoRowen Williams, uVeli Mothwa, noRicardo Goss.”

Uthi okwenza izwe lingabi nonozinti abaningi wukuthi amaqembu amaningi athembele futhi adlalisa kakhulu abangaphandle. 

Nokho inselelo uyiphose kubo onozinti, ethi kumele babhukule, bakulwele ukuqaliswa imidlalo. 

“Kumele onozinti nabo bazibambe ziqine uma ngabe bethola amathuba okudlala emaqenjini abo…

“Bangadedeli amagoli noma kanjani,” kusho le nsizwa yakwaMhlongo esithathe umhlalaphansi ebholeni. 

UMhlongo unxuse bonke abazodlala kwi-Engen Knockout Cup bazimisele ngoba yithuba lbo louziveza emaqenjini ePSL. 

Njengoba eseneminyaka engu-33, uMhlongo kumele ngabe usadlala kwayena.

Kodwa waba neshwa eshaywa kabuhlungu yibhola emehlweni ngesikhathi esedlala kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila.

Walimala emehlweni ngendlela yokuthi akasaboni kahle ukuthi engaqhubeka nokuvimba. 

Udlale kwiPirates, Chippa United, Bidvest Wits neTshakhuma ngaphambi kwalesi sehlakalo esamphoqa ukuliyeka ibhola.