Ezintsha

Bayisikhombisa abaphelelwa yizinkontileka kwiKaizer Chiefs

Bayisikhombisa sebebonke abadlali abaphelelwa yizinkontileka kwi-Kaizer Chiefs ekupheleni kukaNhlangulana. 

Kubhekwe ngabomvu ke ukubona ukuthi ngabe leli qembu lizobagcina yini noma lizobakhulula laba badlali uma kuphela inyanga. 

Kubona kukhona nabanamagama, futhi abafika eqenjini bethakaselwe kakhulu ngabalandeli njengoba kwakukade bebafisa. 

  • UKeagan Dolly – wodumo kwiMamelodi Sundowns neBafana Bafana – ungomunye walabo abaphelelwa yizinkontileka. 

Akubonakali ke nokho i-Kaizer Chiefs ingamgcina lo mdlali ngoba kuncane asayenzele khona kusukela afika eminyakeni emithathu edlule. 

Ukuhlushwa ukulimala njalo ngenye yezinto ezimbambezelile, wagcina engakwazanga ukufika ezingeni alifisayo. 

Nokho uma esenkundleni ubezama, kubonakale ukuthi inhliziyo iyafisa, sekwala wona umzimba. 

  • Omunye uSifiso Hlanti odlala emuva kwesokunxele osekhulile ngeminyaka yize esadlala njalo kuleli qembu. 

Abukeka emancane amathemba okuthi lizomgcina lo mdlali leli qembu njengoba lisezinhlelweni zokwakha kabusha nje. 

  • UNjabulo Ngcobo yena kuthiwa nguye ongasafuni ukuhlala kuleli qembu futhi noma lingathi liyayivuselela inkontileka, makhulu amathuba okuthi ayinqabe. 
  • UGeorge Matlou ngomunye wabakhombise ukuba nekhono elikahle ukuthi bengagcina bengabadlali abamqoka kwiChiefs.

Kodwa naye uhlushwe kakhulu wukulimala njengoba kule minyaka ekwiChiefs ubesegunjini lodokotela isikhathi esiningi. 

  • Eka-Itumeleng Khune yona seyicacile njengoba iChiefs seyize yamvalelisa ngokusemthethweni.

Sekulele kuyena ukuthi uma efuna ukuqhubeka nokudlala, aye kwelinye iqembu noma ahlale kwiChiefs athathe omunye umsebenzi. 

  • Edmilson Dove yena abukeka emahle amathuba okuthi aphinde anikwe elinye ithuba kwiChiefs njengoba engomunye wabadlali abazikhandlayo.

Njengoba kulindeleke kuhambe uHlanti, cishe uDove uzogcinwa ukuze kungasali kungekho umdlali onamava kwesokunxele emuva.

  • USiyethemba Sithebe yena kunezingxoxo eziqhubekayo kubaphathi bakhe naMakhosi ngokuthi aqhubeke ahlale. 

Naye uke wahlushwa wukulimala njalo, kodwa kuphele imidlalo yale sizini esesefomini enhle kakhulu neyenze kwacaca ukuthi usekhona umsoco okuye.