Ezintsha

Uhlu lwabadlali abafunwa uthuli yi-Orlando Pirates

Kunabadlali abayisithupha asebevele bakhonjwe indlela kwi-Orlando Pirates okuyinto okukholakala ukuthi yenzelwe ukulanda abanye abasha. 

Ukuhamba kwala ba badlali kuvule isikhala sohlu lwabadlali abasha abazosayinwa ngumqeqeshi uJose Riveiro ngaphambi kwesizini ezayo.

Yize kusewuNhlangulana manje, imibiko ibilokhu iqhubeka kusukela kuqale u-2024 ngamabadlali abamataniswa naleli qembu. 

Nokho okuvelayo wukuthi abanye balaba badlali ibangisana ngabo nomakhelwane, iKaizer Chiefs nezinkunzi zasePitori, iMamelodi Sundowns. 

Ngokwemibiko eyahlukene, phakathi kwabadlali okubhekwe lukhulu kubona kubalwa abafana ababili beBafana Bafana u-Oswin Appollis no-Elias Mokwana.

Ngaphezu kwalokho, i-Orlando Pirates isezinhlelweni zokufuna iphini lomqeqeshi elisha kulandela ukushiya kukaSergio Almarana. 

“Engikuzwayo wukuhti i-Orlando Pirates inikeze umqeqeshi uJose Riviero igunya oluzikhethela iphini lakhe elisha. 

“Njengamanje ukubo eSpain futhi angase abuye naye khona ozoba yiphini lakhe,” kubika intatheli yeSuperSport TV uKarabo Selebalo Phasha.

Nalu uhlu olugcwele lwabadlali abamatanisa neBucs njengamanje:

  • Oswin Appollis, udlala phambili, 22, Polokwane City
  • Elias Mokwana, udlala phambili, 24, Sekhukhune United
  • Asanele Velebayi, udlala phambili, 21, Cape Town Spurs
  • UStanley Nwabali, unozinti, 28, weChippa United
  • UKeagan Johannes, umdlali wasemuva kwesokudla, 24, SuperSport United
  • UStephen Aziz Ki, udlala phambili, 28, Young Africans
  • URushwin Dortley, umdlali wasemuva kwesokunxele, 22, Cape Town Spurs.

ILisenethini izoqhubeka nje nokubeka indlebe ukuze ikubikele uma sekukhona emtholile kulaba badlali.