Ulaxaze umfazi oweChiefs ebizwa kwiBafana Bafana
– Sibongiseni Gumbi
Akazange ananaze umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uma ezwa ukuthi usebizelwe kwiBafana Bafana, ngakho kumele anqamule iholidi lakhe nomkakhe.
UGiven Msimango ubizelwe kwiBafana Bafana ngemuva kokutholakala kokuthi uGrant Kekana weMamelodi Sundowns ulimele.
UKekana ukhululiwe ukuba abuyele ekhaya, isikhala sakhe eqenjini savalwa uMsimango obekade eseholidini ngesikhathi ethola ukuthi uyafuneka kwiBafana Bafana.
“Kungijabulise kakhulu, ukukhuluma nje iqiniso,” kusho uGiven Msimango ngokubizwa kwakhe kwiBafana.
“Ngesikhathi ngibizwa bengisazikhiphile nomkami. Ngathola izindaba zokuthi kumele ngibuye ngize ekhempini kulandela ukulimala kukaGrant.”
Omunye umdlali ubengaba nyimbinyimbi ngokuthi yena uselandwa ukuzovala izikhala zabanye, sekuphazamiseka nezinhlelo zakhe.
Kodwa uMsimango uthi yena akumkhathazi ukuthi ubizwe ndlelani ngoba vele ufuna ukuzofunda kuleli qembu leBafana.
“Kungijabulisile (ukubizwa), angizange ngibe nendaba nokuthi kwenzeke kanjani ukuthi ngize ngibizwe.
“Obekubalulekile kimi wukuba yingxenye yaleli qembu ukuze ngifunde, ngikhule…
“Ngifunde kulamava asebewatholile. Ngakho kimi kube yinjabulo ululaxaza konke ngizomela izwe lami.”
IBafana isekhempini yemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 kanti ibambane neNigeria ngo 1-1 emdlalweni wokuqala ngempelasonto.
Kuzothi ngoLwesibili ebusuku igadulisane neZimbabwe eMangaung Stadium eBloemfontein.
Lona ngumdlalo okumele iwunqobe ikakhulukazi njengoba iNigeria ifike yaxhopheka kwiBenin, ishaywa ngo 2-1.
Lokhu kuvulela ithuba iBafana ukuthi ingene eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela ngo-2010 la eyayingene khona ngokuba osokhaya.
Uma inqoba kwiZimbabwe, izoba namaphuzu ayisikhombisa, ilingane neBenin okuyiyo eqhwakele kuGroup C.
OLUNYE UDABA: IChiefs ilinga iRoyal AM ngomdlali oyithemba likaVul’igate
Njengamanje iBafana isendaweni yesine ngemuva kweBenin, Lesotho neRwanda. INigeria isendaweni yesihlanu bese kuvala iZimbabwe kuleli qoqo.