Ezintsha

UMakaab uthi kunabadlali bakhe ‘abambalwa’ abaya kwiPirates

UMike Makaab uvele unobudlelwano obuhle ne-Orlando Pirates futhi usevele unabo abadlali abakuleli qembu okukhona kubo uBandile Shandu no-Olisa Ndah.

Nokho omunye wabadlali bakhe abebekuleli qembu, uSouaibou Marou usanda kukhululwa kuleli qembu laseSoweto. 

Kodwa omunye futhi, uThalente Mbatha usanda kusayina ngokugcwele kwiPirates abefike kuyo ebolekisiwe ngoMasingana. 

UMbatha wayefike eyohlolwa kwiPirates, wabachaza abaqeqeshi bacela ukuba ahlale bambhekisise kahle. 

Usegcine ngokusayina ngokugcwele kanti uMike Makaab uthi bakhona nabanye asazobasayinisa kwiPirates. 

Ukusho lokhu ephendula umlandeli kwi-X, obembuza ukuthi ngabe usegcinile yini ngoMbatha ukunika iPirates abadlali kulokhu. 

“Ngabe bakhona abanye abadlali obaphethe abazojoyina i-Orlando Pirtaes, ngaphezu kukaMbatha?,” ubuze kanje lo mlandeli.

“Bakhona abambalwa,” ishaye ngamafuphi kanje le menenja esinamava ekuphathweni kwabadlali.

Ekhuluma kwiGagasi FM, la engumhlaziyi khona, uMakaab uveze ukuthi kumanje useKapa.

Uthe kukhona abadlali ayohlangana nabo abafuna ukujoyina isitebele sakhe ukuze abasize ukuthola amaqembu. 

Kungenzeka ke ukuthi abanye babo yibo laba abafunwa yiPirates njengoba kuke kwavela ukuthi kunabambalwa ethafisayo kwiStellenbosch FC.