EzintshaMotsepe Foundation Championship

OweMagesi ubonge ukuxoshwa okumfake ezintweni

Lo mdlali weMagesi uyavuma ukuthi ukuxoshwa kwakhe akumphathanga kabi, kodwa manje useyabona ukuthi yinto ebe yisibusiso esikhulu.

Phela ukube akazange axoshwe kwiVenda FC, ngabe namuhla akayena umpetha weMotsepe Foundation Championship. 

Ekhuluma nabeKickOff kuleli sonto, uChirambandare – oneminyaka engu-32 – ubonge ukuxoshwa kwakhe.

“Ngeke ngithi kube yisizini enhle kunawo wonke kimi kusukela ngafika kuleli njengoba ngixoshwe yiVFA (Venda FC). 

“Kodwa yizinto zebhola. Le ngxenye yokuqala yesizini ayizange ibe yinhle neze,” kusho yena.

UChirambandare uxoshwe maphakathi nesizini kwiVenda FC engazelele kodwa waba nenhlanhla ukuthi iMagesi isheshe imcoshe, imnike ikhaya elisha.

Ube ngomunye wabadlali abenze kahle kuyo njengoba iqede phezulu kwiChampionship, yazicoshela ithikithi lokuyodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

“Kodwa ekugcineni kuhambe kahle kakhulu, angifuni ukuqamba amanga.

“NgesiNgisi lokhu okwenziwe yiVFA singakubiza ngokuthi kube yi-’blessingg in disguise’ (isibusiso esicashisiwe). 

“Bangenze isihlabani. Bangenze umpetha. Ngijabulile ngendlela izinto eziphethe ngayo.

“Kunesisho esithi akubalulekile ukuthi uqale kanjani, okubalulekile wukuthi uqeda kanjani.

“Ngiyambonga uMdali ngakwenze kimi, ngazo zonke lezi zinto ezenzeke kimi ngisekwiVenda. UNkulunkulu uhlezi emuhle.”

Yize lo mdlali owafikela kwiKaizer Chiefs kuleli eyibheke ngabomvu isizini ezayo, uyazi ukuthi kungenzeka neMagesi imkhombe indlela.

“YiMagesi ezonquma ukuthi isangidinga yini noma izongikhulula… 

“Inkontileka yami iyaphela ekupheleni kukaNhlangulana… Bekungeyezinyanga eziyisithupha.”