Ezintsha

IChiefs ilinga iRoyal AM ngomdlali oyithemba likaVul’igate

IFifa yanquma ukuthi iRoyal AM ingabasayini abadlali kulandela ukwehluleka kwayo ukukhokhela uSamir Nurkovic izimfanelo zakhe. 

Leli qembu lesiqumama saseThekwini, uShauwn Mkhize lisinde ngemidlalo okugcina osizini lwezembe kulandela isizini engeyinhle. 

IRoyal AM ikweleta uNorkovic imali ebalelwa ku-R12-million okubalwa kuyo eyokusayina nemihlomulo nemiholo. 

Leli qembu laxosha uNirkovic kungakapheli nezinyanga ezintathu limsayinile, wabe eselimangalela kwiFifa, nebala isinqumo samvuna. 

Manje kuvela ukuthi iChiefs seyifake isicelo sokuthengiselwa omunye wabadlali uJohn Maduka, oqeqesha leli qembu, athembele kubo. 

Izindaba zokuthi iChiefs ifuna uMfundo Thikazi ziqinisekiswe yimenenja yalo mdlali, UThabang Mncwabe kwiSoccer Laduuma. 

“Okwamanje, kuyintshisekelo nje. Yebo, iChiefs isikhombisile intshisekelo ngalo mdlali,” kucashunwe umthombe usho kanje. 

“Sizobona uma iqembu selibuya ekhefini liyoqala amalungiselelo esizini entsha ukuthi kuzokwenzekani.

“Akukhona okokuqala iKaizer Chiefs iveza isifiso sayo sokuthola uThikazi. 

‘Ngesizini edlule ngaphambi kokuthi isayinise uTebogo Potsane, yayifuna uThikazi kodwa iRoyal AM yanqaba ukumdedela. 

“Kodwa okwamanje kubukeka sengathi bazomdedela,” kuqhuba lo mthombo. 

UMncwabe, oyimenenja yalo mdlali, ukuvumile ukuthi iChiefs seyike yakhuluma naye ngalo mdlali.