Ezintsha

I-Pirates ‘seyikulungele’ ukudedela uMofokeng

I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi nayo seyizidelile ekutheni uzohamba lo mfanyana wayo ozakhele ugazi kubalandeli kule sizini.

Ngokombiko weKickOff, inhloli yamakhono, uJacek Kulig weFootball Talent Scout, uthi uyazibona izimpawu kwabePirates eziveza ukuthi bazomdedela uMofokeng. 

“Ngicabanga ukuthi nabo sebeyabona manje (ukuthi uMofokeng uzobashiya maduze),” kusho le nsizwa.

“Ngayizwa nenkulumo yomqeqeshi (uJose Riveiro) ngemuva komdlalo wakamuva, ngicabanga ukuthi sebekulungele ukuhamba kwakhe.

“ENingizimu Afrika abanandaba nethalente eliselincane ngakho bazovala isikhala sakhe ngomuntu ona-25 nje. 

“Kumele eze e-Europe maduze nje uma sikhuluma iqiniso. Kumele eze kulo leli windi lamanje.

“Yena unakho asadinga ukulungiswa kukho, kodwa lokho kungalungiseka kalula uma ese-Europe.” 

UKulig uthe yize engasizakala ngokuya eNetherlands nom eBelgium ukuze ajwayele ibhola lase-Europe, kodwa neRangers ingaba yindawo enhle kuye. 

“Angimazi yena uqobo, kodwa abanye abadlali baba nokuphuza ukujwayela impilo yase-Europe, kodwa konke kuncike kuye. 

“Ngike ngambona ekhuluma nabezindaba, ungumfana ozikhululekele, nozincokolelayo. 

“EScotland akujwayelekile lokho, kodwa lokho akusho ukuthi ngeke kube mnandi ukuba nomdlali onjalo.

“Sinabadlali abanejubane, kodwa nabakwazi ukuzivulela indlela ngomjiko bayadingeka.

“Sengikujahile ukukubona kwenzeka (ukuthi uMofokeng aye kwiRangers). 

“Ngeke ngiqiniseke ngokugcwele ukuthi uzophumelela, kodwa nginamathemba amakhulu ngaye.” 

Ebuzwa ngokuyohlolwa kwakhe kwiWolves yase-England ngasekuqaleni kwale sizini, uMofokeng uthe akabonanga mehluko otheni.

“Ibhola yibhola nje. Noma ngabe ulidlala kuphi, liyafana,” kusho yena ngemuva kokusiza i-Orlando Pirates inqobe iNdebank Cup.