Ezintsha

Bazobhadla ejele abalahlwe yicala lokucwasa oweReal Madrid

Laba balandeli bacwasa uVinicious Jr odabuka eBrazil ngesikhathi i-Real Madrid ibhekene neValencia ngonyaka odlule. 

Iligi ithe ukugwetshwa kwabathathu ngesigameko esenzeke enkundleni yeValencia, iMestalla Stadium ngomhla ka-21 kuNhlaba ka-2023. 

Laba balandeli baphinde banikezwa isigwebo seminyaka emibili bengasondeli la kunemidlalo esemthethweni yeLa Liga. 

ILa Liga ithe iValencia isebenzisane nabaphenyi futhi ibuhoxisile ubulungu balaba balandeli abatholwe benecala. 

Incwadi yokuxolisa kuVinicius evela kubamangalelwa ifundwe enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala, kusho iLa Liga.

“Lesi sinqumo siyizindaba ezinhle zokulwa nokucwasa eSpain,” kusho iLa Liga esitatimendeni.

“Sizama ukulungisa iphutha elibi elenzeka kuVinicius Jr futhi sithumela umyalezo ocacile kulabo abaya enkundleni yebhola benezinhloso ezingezinhle,” kusho umengameli weLa Liga uJavier Tebas.

“I-La Liga izobafuna ize ibathole, bese kuba nemiphumela yokutholwa benecala lobugebengu.

“Ngiyaqonda ukuthi kungase kube khona ukukhungatheka ngesikhathi esithathwayo ukuze kukhishwe lezi zigwebo.

“Kodwa lokhu kukhombisa ukuthi iSpain yizwe eliqinisekisa ubuqotho benkantolo. 

“Thina kwiLa Liga kumele sihloniphe ukusebenza komthetho noma ngabe kuhamba kancane.

“Futhi sifisa ukuthi umthetho waseSpain uguquke ukuze unikeze iLa Liga amandla okujezisa angasheshisa ukulwa nokucwasa ngokwebala. 

“Njengamanje iLa Liga engakwenza wukwethula ubufakazi becala kwiziphathimandla ezifanele zezomthetho.

“Ayikwazi ukujezisa amakilabhu, abalandeli noma abadlali ngokuziphatha okunenzondo, ukucwasa ngokwebala noma izenzo zobudlova.”