Bafunwa elaseTshwane abachithwe yi-Orlando Pirates
– Intatheli yeLisenethini
Kubukeka bengeke bawaswele amaqembu abazodlala kuwo ngesizini ezayo abanye babadlali abachithwe yi-Orlando Pirates njengoba izihlela kabusha.
I-Orlando Pirates seyivele ichithe abadlali abayizithupha njengoba ivula izikhala zabadlali abasha ezobasayina.
OSouaibou Marou, Fortune Makaringe, Kermit Erasmus, Siyabonga Mpontshane, Thabang Monare noRichard Ofori bachithwe yi-Orlando Pirates ngesonto elidlule.
UMakaringe kubikwa ukuthi usevele usheshe walithola ikhaya elisha kwiCape Town City ka-Eric Tinkler.
Yize leli qembu lingakakumemezeli ngokusemthethweni, kuvela ukuthi seliqede konke ngalo mdlali ozakhele ugazi kubalandeli beBucs ngomjiko.
Manje sekuvela ukuthi uMonare no-Ofori nabo banesesheli esisha amashushu kwiSuperSport United kaGavin Hunt.
UHunt uvele uzolahlekelwa unozinti abethembele kuye ngesizini edlule, uRicardo Goss njengoba ebuyela kwiMamelodi Sundowns abebolekwe kuyo.
Manje u-Ofori ubukeka kunguye ongasivala kahle isikhala sikaGoss.
Ngaphezu kokuhalelwa Amatsatsantsa a Pitori, kuthiwa u-Ofori uyafuneka nakwi Cape Town City.
ICity nayo ichithe unozinti wayo, uBongani Mpandle kanti ifuna ukuqinisa konozinti.
“U-Ofori ngeke aze awuswele umsebenzi ngoba ngathi kukhona naphesheya la efuneka khona.
“Kodwa ngiyasola uzohlala kuleli ngoba iSuperSport neCity bazimisele kakhulu ngaye,” kusho umthombo weLisenethini.
Umqeqeshi weCity, u-Eric Tinkler, ukubeke kwacaca ukuthi manje usefuna ukusayina abadlali abazosebenzela leli qembu.
Uthi akasabafuni abezele ukuzozakhela igama ukuze bazithengise emaqenjini amakhulu ngoba lokho kwenza iCity ingakhuli.
OLUNYE UDABA: Bazobhadla ejele abalahlwe yicala lokucwasa oweReal Madrid
U-Erasmus naye ukhonjwa kuyo iCity kanti kubadlali abadedelwe yiPirates obukeka esephelelwe yisikhathi uMpontshane njengoba lingekho iqembu elikhombisa intshisekelo ngaye.