UMorgan Mammila uphawula ‘ngokubuyela ekhaya’ kwiBaroka
– Sibongiseni Gumbi
Ubizelwe ukuzosiza uMorgan Mammilla kwiBaroka FC esempini yokungena kwiDStv Premiership neRichards Bay ne-University of Pretoria.
UMorgan Mammila uqashwe kwiBaroka ngoLwesibili kulandela ukumiswa kuukaDan Malesela obeqeqesha leli qembu.
UMalisela umiselwe ukungaziphathi kahle kulandela ukuvela kokuthi kunamanye amaqembu abemfuna abadlali bakhe.
Uwuqale ngegiya elihle umsebenzi wakhe uMorgan Mammila njengoba ebambane neRichards Bay ngo 0-0 ngoMgqibelo emdlalweni wesibili weBaroka kule midlalo yokuhlunga.
IBaroka isanephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emibili kanti seyisalelwe emibili.
IRochards Bay inamane kanti AmaTuks anamathathu.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neRichards Bay, uMammila uchaze ukuthi ubuye kanjani kwiBaroka.
“Uzokhumbula ukuthi kade ngikuphi… Bengisekhaya ngizipholele kodwa ubhuti wathumela ucingo wathi ‘unjani?’.
“Ngithe ‘ngiyaphila’. Ukhumbule ke ukuthi yikhaya lami leli (iBaroka).
“Leli qembu lingenze ngaba yilokho engiyikho namuhla futhi ngeke ngikwazi ukwenqaba uma umfowethu engidinga.
“Impela iBaroka iyimina noma ngabe ngiyathanda noma angithandi, iBaroka iyimi.
“UMorgan ngaphandle kweBaroka akalutho. Bekungakaze kuxoxwe ngaphambili.
“Kuvele kwenzeka ngoLwesibili ngesikhathi bebuza ukuthi ‘ungasiza?’.
“Ngibe sengifika ngathi ‘ngisekhaya’. Ikhaya liyikhaya, ayikho indawo engcono kunekhaya, ngisekhaya.”
UMammila usanda kukhhululwa kwiChippa United lapho ebeyinhloko yezokuqeqesha kulandela ukudilizwa ekubeni ngumqeqeshi.
Wakhala ngokuthi kunabathile abamxoshisile njengoba engaxoshwa usihlalo wembu uChippa Mpengesi.
Uzoba nemidlalo emithathu yokuzibonakalisa ukuthi usengumqeqeshi ovuthiwe njengoba enikwe lo msebenzi weBaroka.
OLUNYE UDABA: UHugo Broos uvikela uPercy Tau ‘obhacazile’
NgoLwesithathu uzobhekana naMaTuks esekhaya eBakgaga Villange, bese evala ekuhambeni kwiRichards Bay.