Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uvikela uPercy Tau ‘obhacazile’ 

UPercy Tau uhlulwe amathuba ambalwa abebukeka elula kulo mdlalo weBafana neNigeria, futhi uHugo Broos wenelisekile ngaye.

Elinye lamathuba amakhulu elimhlulile uPery Tau libe ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ebelisophinde libeke iBafana phambili.

Lo mdlalo uphine uphele ngo 1-1, okuwumphumela uHugo Broos ajabulile ngawo.

“Ngijabule kakhulu ngokudlala kwabo bonke abadlali, nangendlela uPercy adlale ngayo,” kusho uHugo Broos ngemuva komdlalo. 

“Kulungile, ngesiwombe sesibili ngicabanga ukuthi ngokomzimba bekunzima kuye.

“Njengoba bengike ngachaza ekuqaleni, bekunzima kakhulu kithi.

“Sibe sendleleni usuku lonke lwangoLwesithathu bese ngemuva kwalokho sadlala neqembu elihle ngoLwesihlanu.”

U-Hugo Broos uthe lo mdlalo bewudinga bangaqini nje ngokwesimo somzimba kuphela, kodwa nangokqengqondo ngenxa yezinto ezenzeke ngaphambi komdlalo.

IBafana yazithola ivaleleke esikhumulweni sezindiza ePort Harcourt amahora ambalwa njengoba bafika kuyo ingasatholakali indiza okumele ibadlulisele e-Uyo. 

Yaze yathola ihhotela ezolala kulo kuleli dolobha sekuyosa, kwaphazamiseka izinhlezo zokuzilungiselela lo mdlalo obungeLwesihlanu.

“Ngakho-ke sikwenze ngokuqina wengqondo, ngicabanga ukuthi uPercy Tau ukwenzile obekudingeka kuye emdlalweni..

“Yebo ube namathuba okushaya amagoli, kodwa lokho (ukuwashweba) kuyingxenye yebhola.

“Abekhona nasezimbangini zethu (amathuba ayekiwe). Umphumela ofanele lona.”

IBafana ihlezi endaweni yesine eqoqweni lamaqembu ayisithupha kule midlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Izobuyela enkundleni ngoLwesibili ebusuku seyibhekene nomakhelwane iZimbabwe abathole isibhaxu ebesingalindelekile kwiLesotho ngoLwesihlanu.