Ezintsha

Ubangwa izinkunzi zaseTurkey umgadli wakuleli

Lamaqembu ase-Turkey, iTrabzonspor neBesiktas, kuthiwa asemizamweni eqinile yokuthola uBongokuhle Hlongwane. 

Lo mgadli njengamanje udlala kwiMinnesota United kwi-US Major League Soccer (MLS) la engomunye wabadlali abayizethenjwa. 

Ufunwa e-Turkey nje uHlongwane ube nesizini enhle kwiMinnesota njengoba esenamagoli amathathu emidlalweni engu-13. 

Uma egcina ngokuyodlala e-Europe, mhlawumbe lokho kungamsiza abuyele kwiBafana Bafana. 

Lo mgadli oneminyaka engu-23 ubengomunye wabadlali okubukeka umqeqeshi uHugo Broos akhela phezu kwabo iqembu lakhe.

Kodwa kusukela ngasekupheleni konyaka odlule akasabizwa kwiBafana kanti uBroos wathi lokhu kungenxa yokuthi iligi yabo isamile.

Kodwa namanje njengoba seyiqalile iligi futhi enza kahle uHlongwane, usaqhubeka nokumziba. 

Nokho ke phela ngesikhathi engekho uHlongwane, abagadli abebekhona bakwazile ukuqhuba umsebenzi ngendlela encomekayo.  

Ngokubika kwabeTransfermarkt, lamaqembu aseTurkey azimisele ukukhokha imali ebalelwa ku-$5-million. 

Bathi izikhulu zeTrabzonspor sezivele zike zaxhumana nabamele lo mdlali bebuza ukuthi engathengeka yini.