EzintshaMotsepe Foundation Championship

OweMilford uhlahla indlela entsha, ubheke ukuthuthuka

I-Milford FC beyidlala isizini yayo yokuqaa kwiMotsepe Foundation Chapionship ngemuva kokuthenga isitifiketi soThongathi. 

UPupuma – owake wadlala kwiWits University esigabeni esikhokhelayo – ubezibambele ekuqeqesheni kule sizini. 

Nokho olunye lwezinguquko azozenga kwiMilford kulokhu wukuthi ashenxe kulo msebenzi, aqashe omunye. 

“Ngizokhumuka ekubeni ngumqeqeshi kodwa ngizofuna umqeqeshi ozohola leli qembu,” kusho uPupuma engxoxweni ekhethekile neLisenethini. 

“Mina ngizogxila kakhulu emsebenzini wami wokufukula iqembu ngendlela engifuna ngayo. 

“Sengivele ngiqalile njengamanje ukufuna abadlali abanohlonzo emaqenjini adlala kwi-ABC Motsepe League. 

“Ngiyakholelwa kakhulu kubadlali abadlala kwi-ABC Motsepe League ngoba bayazinikela emsebenzini wabo.” 

I-Milford iqede endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-34 kwiMotsepe Foundation Championship kwisizini yayo yokuqala.

Lokhu kumenelisile uPupuma ngoba kusho ukuthi bakufezile abebezibekele bona ngesizini yokuqala esigabeni esikhokhelayo. 

“Ngesikhathi sithenga isitifiketi soThongathi, sazibekela umgomo wokuthola amaphuzu angu-30 kuphela. 

“Ngibonge kubadlali beqembu abasebenze ngokukhulu ukuzimisela. Uzokhumbula ukuthi besiqala ukudlala kulesi sigaba. 

“Kube nezingqinamba eziningi kodwa sakwazi ukudlula kuzona,” kuphetha uPupuma.