Isamudla ngaphathi uGavin Hunt eyokuxoshwa kwiChiefs
– Inthatheli yeLisenethini
UGavin Hunt kubukeka engakakudlilisi ukuxoshwa kwakhe kwiKaizer Chiefs ayeyijoyine kunethemba lokuthi uzoyivusa.
Nokho iChiefs yamxosha uGavin Hunt yize ayeyihambise yaze yafika kowamanqamu kwiCaf Champions League ngaleyo sizini.
Namanje asikakaveli isizathu okuyisona esenza leli qembu limgabhe uGavin Hunt kanti okuzwakalayo amahlebezi kuphela.
Okwavela ngalesi sikhathi wukuthi lo mqeqeshi wayefuna ukuzisayinela yena abadlali, okuyinto abaphathi abangayizwanga kahle.
“KwiChiefs kwakukuhle kakhulu. Ngafika kowamanqamu (weChampions League) ngase ngixoshwa, Angikwazanga ukuya kowamanqamu.
“Ngaphoxeka kakhulu ngalokho, kodwa leyo yinto eyohlala ingikhathaza impilo yami yonke, kodwa ke ngeke ngiyijike.”
UHunt ubekhuluma ngesikhathi ephothula izifundo zeCaf A License ekomkhulu leSafa ngempelasonto.
Ubengomunye wabaqeqeshi abangu-25 abaphothule lezi zifundo.
“Ngicabanga ukuthi kumele sibe nalezi zifundo njalo nje ngoba ulwazi luyashoda kuleli zwe.
“Futhi abantu abakucabangi lokho. Abantu bacabanga ukuthi bayalazi ibhola.
OLUNYE UDABA: Idide abantu iSekhukhune ifisela ‘umqeqeshi wayo’ okuhle
“Kodwa uma bengenza lezi zifundo, ngicabanga kuthi lokho kungalikhulisa ibhola laseNingizimu Afrika.”