Idide abantu iSekhukhune ifisela ‘umqeqeshi wayo’ okuhle
– Intatheli yeLisenethini
Njengoba kwaziwa ukuthi ishiphelene phakathi kweSekhukhune United nomqeqeshi wayo, uLehlohonolo Seema bekungalindelekile leli qembu limfisele usuku oluhle lokuzalwa.
Umqeqeshi, uLehlohonolo Seema ubehlanganisa iminyaka engu-44 edla anhlamvana ngeSonto.
Kuphele isizini esemisiwe emsebenzini kwiSekhukhune ngezinsolo zokungaziphathi kahle nokuxabana nosihlalo weqembu.
ILisenethini yabika ukuthi lo mqeqeshi waxabana nomdlali uJamie Webber ngemuva kokuthi emfake emdlalweni esuka ebhentshini, kodwa wabuye wamkhipha.
Kwathi uma usihlalo weqembu, uSimon Malatjie embizela ehhovisi ukuthi azame ukuxazulula le ngxabano yakhe nomdlali, wamlwisa.
Kuthiwa wabe esebuza izinto ayengabizelwe zona ezifana nemali akweletwa yona yokusayina inkontileka, bagcina bengasezwene.
Njengoba bekwaziwa ukuthi izinto azizinhle phakathi kwakhe naleli qembu, bekungalindelekile ukuthi limfisele usuku oluhle.
Phela kuvele sekunamahlebezi okuthi ucu alusahlangani kuye naleli qembu okuthiwa seliqalile ukufuna omunye umqeqeshi.
ILisenethini ibike kuleli sonto ukuthi iSekhukhune ikhulula no-Ernst Middendorp ngokuthatha lo msebenzi kuSeema.
“Hlangana nathi ukufisela umqeqeshi wethu uLehlohonolo Seema usuku oluhle lokuzalwa.
“(Ibhekise kuSeema) Siyethemba uzoba nosuku oluhle,” kubhala leli qembu kwi-X ngeSonto emini.
OLUNYE UDABA: Angifuni ukufakela iChiefs ingcindezi – Mosimane
Abalandeli babe sebebuza ukuthi kanti akusaxatshenwe yini, okuthi bacela ukwazi okuyikho ngale ngxabano.