Angifuni ukufakela iChiefs ingcindezi – Mosimane
– Sibongiseni Gumbi
UPitso Mosimane uthi ngeke asebenzise ukuthi umataniswa nomsebenzi wokuqeqesha iKaizer Chiefs ukufesela lo msebenzi.
IKaizer Chiefs ifuna umqeqeshi ozothatha lo msebenzi wayo ngesizini ezayo kanti uPitso Mosimane ungomunye wabaqeqeshi okuvela ukuthi iyabahalela.
UPitso Mosimane njengamanje akanaqembu njengoba ehlukane ne-Abhar FC ahlulkile ukuyivikisa izembe kwiSaudi Pro League.
“IChiefs iyiqembu ellikhulu, isikhungo esikhulu, yonke indawo abantu bangibuza ngayo,” kusho uMosimane kwiSABC Sport.
“Kodwa ngiyazi ngokumataniswa kwami nayo. Ngeke kodwa ngisebenzise lokho ukufakela iChiefs ingcindezi.
“Thina asikwazi okwenzakalayo, yibona abaziyo… Kumele bagcina abafisa ukukugcina. Kungani kungaba yimina kuphela?
“Bakhona nabanye abaqeqeshi abafuna lowa msebenzi. IChiefs yiqembu elikhulu.”
IChiefs imataniswa nabaqeqeshi abaningi abahlukene njengoba isemkhankasweni wokuthola umqeqeshi nje.
Izinto zimapeketwane kuleli qembu laseNaturena njengoba liqede endaweni yeshumi ngesizini edlule – okuyindawo embi kunazo zonke eseyake yaqeda kuzo.
Ngaphezu kwalokho, sekuphele amasizini ayisishiyagalolunye iChiefs yagcina ukunqoba indebe ye-PSL.
Kwabanye abaqeqeshi abamataniswa nalo msebenzi wokubuyisa injabulo eNaturena kukhona uNasreddine Nabi, u-Alexandre Santos, noManqoba Mngqithi.
OLUNYE UDABA: OweMilford uhlahla indlela entsha, ubheke ukuthuthuka
Nokho iLisenethini isingakuveza ukuthi uNabi ozothatha lo msebenzi njengoba sekusele amathizethize kuphela ukuthi kuphothulwe isivumelwano.