Ezintsha

Usola ukuhlehliswa kwezinkakha ‘ngovucu’ kwiChiefs

Le nkhakha ithi kusukela iKaizer Chiefs yabaqhelisa eqenjini, izinga labadlali abasayinwayo alikho ezingeni futhi bayahluleka wukumelana nengcindezi yaleli qembu.  

Ikhuluma ngokukhethekile neLisenethini, le ngwazi ibalule kabanzi ubumqoka babo kwiKaizer Chiefs.

“Thina besikhona ukuletha abadlali abamqoka eqenjini abafana noTinashe Nengomashe, Punch Masenamela, Onismor Basera nabanye… 

“Yithina esaziyo ukuthi umdlali udinga abe nani ukuze angene khaxa kwiChiefs, akwazi ukumelana nanengcindezi yakhona.”

Isole ukuthi abaphathi sebafaka kakhulu izimenenja zabadlali ephaketheni, futhi sebezwa ngazo.

“Kodwa namuhla khona izimenenja zabadlali eziletha abadlali abangelona uhlobo lwabadlali abadingwa yiqembu,” kusho le ngwazi ecele singayidaluli.

“Uma ubuka ukuthi uJasond Gonzalez waseColombia yini nje le abebeyibone kuye? Akukho lutho laphaya.

“Kukhona abadlali abagcwele lapha emalokishini nasemakhaya abangcono kakhulu kunoGonzalez.”

Uthe njengoba bezingwazi zeqembu bakhathazekile nabo ngoba nasemphakathini bayabuzwa abalandeli ukuthi bathule bathini kufa iqembu bebhekile.

“Kuzomele iChiefs ibuyise zonke izinkakha zizokwenza umsebenzi wokuhlwaya uhlobo lwabadlali abadingekayo, hhayi lokhu kufunisela okwenzekayo. 

“Baningi kakhulu manje abadlali abangelona uhlobo lwabadlali abadingwa yiChiefs, kodwa abadlalayo bese bengayenzeli lutho.” 

Ziningi ke izinguquko ezilindeleke kwiChiefs kodwa kuze kube manje isazithulele nje.

Kulindeleke umqeqeshi omusha ozofika nethimba lakhe alethembayo, bese kuphinde kulindeleke ithole nabadlali abambalwa ukuqinisa la ixega khona.

Ixega kakhulu phambili njengoba kubagadli bayo kungekho noyedwa osondele embangweni wendondo yomgadli ophambili kule sizini.