URelebohile Mofokeng uziphendulela ngawaphesheya amfunayo
– Intatheli yeLisenethini
Njengoba esephenduke omunye wabadlali okubhekwe lukhulu kuye, uRelebohile Mofokeng kunemibiko emumatanisa namaqembu aphesheya.
Kubikwa ukuthi mathathu amaqembu apheseya kwezilwandle azibheke kuRelebohile Mofokeng ogila izimanga kwi-Orlando Pirates.
Lo mfanyana osemncane – uneminyaka engu-19 – ukhombise ukudlondlobala kakhulu kule sizini njengoba ebengomunye wabadlali abangeqiwa yijezi kwiBucs.
Manje sekunamahebezi okuthi kungenzeka aye phesheya maduze njengoba iLevante yaseSpain, iGlasgow Rangers yaseScotland neWolves yase-England kuthi bayamfuna.
Ebuzwa ngalokhu ngemuva kokusiza iPirates inqobe iNedbank Cup ngalamahlebezi, uthe yena usagxile kwiBucs okwamanje.
“Angazi lutho mina ngamaqembu aphesheya kwesilwandle angilandelayo,” washo kanje kwabezindaba.
“Ngidlala kwiPirates futhi ngigxile ngokuphelele kwiPirates. Uma amaqembu engifuna, kuzomele akhulume nosihlalo (u-Irvin Khoza).
“Mina angazi lutho. Engikwaziyo wukuthi ngidlalela iPirates, angizixakile ngamahlebezi nokuthi athini.”
Ngasekuqaleni kwesizini uRelebohile Mofokeng uke wathi qu kwiWolves la abeyohlolwa khona.
Uthi akabonanga simanga esitheni ngebhola lakhona ngaphandle kokuthi banezinsiza ezingcono.
“Ibhola yibhola nje – liyafana yonke indawo. Ukuthi udlala kwiPremier League (yase-England) noma kwiPSL, ibhola liyinto eyodwa.
“Akukho okuhlukile. Ukuthi nje izinsiza zabo zehlukile kunezethu lapha. Ngale kwalokho, okunye kuyefana.”
Lo mfanyana ubonakala ekhula kahle kakhulu futhi njengamanje usekhempini yeBafana Bafana edlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Ubesebhentshini ngesikhathi ibambana neNigeria ngo 1-1 ngoLwesihlanu ebusuku kodwa ugcine engafakwanga.
Nokho umqeqeshi, uHugo Broos ukuvezile ukuthi kungenzeka amsebenzise uma esefuna ukugqekeza udonga lwasemuva lwezimbangi ngasekupheleni komdlalo.
OLUNYE UDABA: Ukhonjwa kwelaseSoweto unozinti owanqoba i-Afcon
Cishe lokhu sekuzokwenzeka emdlalweni wangoLwesibili la iBafana izobhekana khona neZimbabwe eBloemfontein.