Ukhonjwa kwelaseSoweto unozinti owanqoba i-Afcon
– Intatheli yeLisenethini
Unozinti owawina iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2017 ungomunye wabadlali ababhekwe emaqenjini amakhulu akuleli.
Kuvela ukuthi lo nozinti, owanqoba i–Afcon neCameroon ubangwa yizinkunzi zaseSoweto kanti njengamanje akucaci uzophelela kuphi.
Nokho ngokwemibiko, angase awele kwi-Orlando Pirates ngenxa yethuba lokuyozibokalisa ezwenikazi uma edlala kuyo.
Nokho nethuba lokudlala kwiKaizer Chiefs aliyona into encane, kanti kungenzeka aphelele eNaturena ngokuthi udingeke kakhulu khona.
Ngokubika kweSoccer Laduuma, uFabrice Ondoa, ungumdlali wakamuva omataniswa nezinkunzi zaseSoweto.
Kuleli sonto, iPirates ikhulule onozinti bayo ababili abanamava oRichards Ofori noSiyabonga Mpontshana.
Kanti nakuba uChaine noButhelezi bengonozinti abahle kakhulu, iPirates idinga pwesithathu onamava ngenxa yemidlalo eyengeziwe ezoyidlala ngesizini ezayo.
Phela eMimnyama zibuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
U-Ondoa, oneminyaka engu-28 okwamanje usemabhukwini eNimes edlala esigabeni sesithathu eFrance.
“Okwamanje bekungeke kube ubuhlakani ukusho ukuthi yimaphi amaqembu, kodwa kunamaqembu amabili.
“Izinkunzi Imidondoshiya ezimbili yaseSoweto. Elinye lamaqembu lizobe lidlala e-Afrika yingakho lidinga unozinti onamava njengaye,” kusho umthombo kwiSoccerLaduma.
OLUNYE UDABA: U-Bryce Moon nemizamo yokuthenga ele-PSL
IPirates kulindeleke ibuyise noSiphamandla Mthethwa ebimbolekise kwi-Orbit College edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
IChiefs yona ifuna unozinti ezoqinisa ngaye njengoba kulindeleke u-Itumeleng Khune awabeke ethala amakhokho uma kuphela uNhlangulana.
Inkontileka yalo nozinti osehlale iminyaka engu-25 kwiChiefs iyaphela uma kusongwa le nyanga kanti iqembu selikumemezelile ukuthi ngeke aqhubeke nokudlala.
Kulindeleke ukuthi anikwe esinye isikhundla khona eqenjini njengoba naye esevele eqalile ukwenza izifundo zokucija onozinti ngaphansi kweSafa.