Bafana BafanaEzintsha

U-Hugo Broos uveza imizwa yakhe ngemuva kokubamba iNigeria

Ezika-Hugo Broos zikhombise ukungayesabi i-Nigeria ejwayee ukuzenzela kuzo. 

UThemba “Mshishi” Zwane nguyena obeke iBafana Bafana phambili ngegoli elihle alishaye esiwombeni sokuqala. 

Nokhi i-Nigeria iphendulile ekuqaleni kwesiwombe sesibili ngegoli likaFisayo Dele-Bashiru.

Naphezu kwezinselelo zokuhamba ezithathe iqembu cishe amahora angu-30 ukufika e-Uyo, u-Broos uzwakalise ukwaneliseka kwakhe ngephuzu elitholwe kanzima.

“Umphumela ulungile, ukudlala ngokulingana, siwatholile amathuba,” kusho u-Hugo Broos. 

“I-iNigeria iwatholile amathuba kodwa kumele ngibongele abadlali bami njengoba nazi ukuthi sibe nohambo olubi lokuya eNigeria ngoLwesithathu. 

“Silale ngabo-2 ekuseni, ngoLwesine. \Ngakho, sihambe amahora angu-20 futhi uma ubona isimo sengqondo eqenjini namuhla ngingaziqhenya ngabadlali bami,” kusho u-Broos.

“Bekuwumdlalo onzima sibhekene neqembu elihle kodwa ngesiwombe sokuqala ngicabanga ukuthi sidlale ibhola elincomekayo. 

“Sithole amathuba, besingashaya amabili mhlawumbe sibe nebhadi kancane. 

“Ukuthi singenelwe yigoli ngemuva kwemizuzu emibili kuqale isiwombe sesibili besazi kuzoba nzima.

“Kodwa sikwazile ukulwa kusukela ngoka-46 kwaze kwaba ngumzuzu ka-95 futhi ngicabanga ukuthi umphumela ulungile.”

Eqoqweni lamaqembu ayisithupha elishubile, iBafana Bafana njengamanje ihlezi endaweni yesine ngamaphuzu amane.

Iyalingana neRwanda neBenin, abangenhla kwayo ngenxa yokmehluko wamagoli.

INigeria, engakawini ngemuva kwemidlalo emithathu, ilandela iBafana ngamaphuzu amathathu. 

“Ngokujwayelekile, uma ubona iqembu lidlala ngokulingana, uyazi ukuthi iNigeria izoba yimbangi yakho enkulu… 

“Ngakho-ke, ukungahlulwa bekubaluleke kakhulu. Bekubalulekile kithi namuhla.”