U-Bryce Moon nemizamo yokuthenga ele-PSL
– Sibongiseni Gumbi
Useziqale phansi izinhlelo zakhe zokuba neqembu elidlala ezigabeni zePremier Soccer League (PSL) u-Bryce Moon.
U-Bryce Moon, owayengumdlali emaqenjini ahlukene okukhona kuwo neMamelodi Sundowns, ufuna ukuthenga isitifiketi seqembu elidlala kwi-PSL.
Ngaphambi kokuqala kwesizini edlule, le nsizwa eyayigijima kwiBafana Bafana, izame ukuthenga iMaritzburg United.
Nokho kwagcina kungavunyelwananga ngenxa yombandela owabeka usihlalo weMaritzburg uFarouk Kadodia.
U-Bryce Moon waveza ukuthi uKadodia wayefuna basebenzisane, babambisane ekuphatheni iqembu kodwa yena wanqaba.
Phela ufuna ukuziphathela ngokwakhe iqembu ukuze akwazi ukulikhulisa ngendlela afisa ngayo ngaphandle kokuthola imvume komunye umuntu.
Manje njengoba kunezinkulumo zokuthi abeMaritzburg bona babheke isitifiketi weMoroka Swallows, uMoon yena ufuna esabo.
“Nginezinhlelo ezinkulu ngeMaritzburg United uma kwenzeka ngiyithola.
“Ngifuna ukuba uDavid Beckham waseNingizimu Afrika uma nginikwa lelo thuba,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-37.
Ubekhuluma ohlelweni lukaRobert Marawa kwiVuma FM ngoLwesihlan ebusuku.
“Sesibuyelile ezingxoxweni neMaritzburg United, futhi sizokwazi ukuthi kwenzekani emasontweni amabili ezayo.
“Ngifuna ukuliphatha ngookwami leliya qembu,” kwengeza yena.
UMoon uwabeke ngo-2017 ethala amakhokho ngemuva kweminyaka engu-13 edlala ibhola elikhokhelayo.
Uke wathi qu naphesheya okuyila kukholakala ukuthi wenza khona imali enhle emenza akwazi ukufuna ukuthenga iqembu.
Emaqenjini adlula kuwo kuleli kukhona i-Ajax Cape Town, Golden Arrows, SuperSport United, Bidvest Wits, Platinum Stars, neMamelodi Sundowns.
Yize ekhona amanye amaqembu abengawathenga uMoon, kodwa kubukeka inhliziyo yakhe ikwiMaritzburg.
OLUNYE UDABA: U-Hugo Broos uveza imizwa yakhe ngemuva kokubamba iNigeria
Naye uvele ungowokuzalwa eMngungundlovu, okungenzeka wakhula engumlandeli walo leli qembu.