Uvaleleke ekhoneni u-Itu Khune ngokubeka amakhokho ethala
– Alfred Ngubane
U-Itumeleng Khune ubengakazimiseli ngokuwabeka ethala amakhokho akhe, kodwa uyaphoqeleka ngenxa yomyalelo weKaizer Chiefs.
Lezi zindaba zixoxelwe iLisenethini ngumthombo osondelene naleli qembu ukuthi u-Itumeleng Khune ubesazoqhubeka nokudlala.
Nokho lo mthombo usola abadlali ababili abambophela amanqina enyathi ukuze kungcoliseke igama lakhe elihle eqenjini.
“Empeleni uKhune akenzanga lutho olubi,” kusho lo mthombo.
“Yinzondo kaBrendon Petersen noKeagan Dolly behlangene noCavin Johnson bambophela amanqina enyathi.
“Kumanje kukhona amaqembu amgaqele u-Itumeleng Khune ngoba ayambona ukuthi usengawasiza kakhulu.
“Kumele uKhune bamvuselele inkontileka yakhe kwiKaizer Chiefs ngoba umsebenzi wakhe usekhona,” kusho lo mthombo.
Lo mthombo uthe usola ukuthi uJohnson ubesindeka yigama likaKhune eqenjini njengoba enamava futhi enemiyaka engu-20 edlala eqenjini elikhulu kwiChiefs.
“Ngicabanga ukuthi (abaphathi) kuzomele bakuqonde lokho (ukuthi uJohnson ubesindeka uKhune)…
“Kumele bazi ukuthi ukuba khona kukaKhune eqenjini kwiKaizer Chiefs kusho lukhulu.
“Ngicabanga ukuthi bazombona kahle uma ngabe kuhamba uCavin Johnson ngoba ubengamfuni.
“Kufanele bathole unozinti ozothatha izintambo kuKhune kuqala njengoba kwenzeka kuBrain Baloyi noRowen Fernandes.
“Manje uKhune ngeke akhishwe nguBrendon Petersen noBruce Bvuma.
OLUNYE UDABA: Ngathi iyalugoba iSundowns ngoTeboho Mokoena kwelaphesheya
“Balitholile ithuba ngokuhlukana kodwa bahluleka ukuvimba kahle,” kuphetha lo mthombo.