Ufunwa yiStellies nezaseSoweto, yena ufisa iSundowns
– Intatheli yeLisenethini
Sekuvele negama leStellenbosch FC emagameni amaqembu azidlisa satshanyana kwiTS Galaxy ngoba efuna ukuthengiselwa uLehlohonolo Mojela.
Lo mgadli ulenyuse kakhulu izinga kule sizini, futhi ube ngomunye wabadlali abenze kahle kakhulu.
Lokhu kwenza kahle kwakhe kubikwa ukuthi kumdonsele amehlo ezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Nokho ekhuluma nabeSports Nights Amplified kwiMetro FM muva nje, uMojela waveza isifiso sokuyodlala kuMasandawana.
“Ngifuna ukudlala kwiSunwons, kodwa okwamanje ngisagxile kwiTS Galaxy ngoba yiyona enginenkontileka nayo.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uRulani (Mokwena) ungumqeqeshi okahle kakhulu futhi iSundowns iyingozi kakhulu.”
Nokho wayekhuluma ngaphambi kwengxabano enkulu equbuke phakathi kweTS galaxy noMokwena.
Kumanje bafakene ezinkantolo la leli qembu lifuna uMokwena axolise ngokulisola ngokwenza itulo lokulimaza uBongani Zungu.
Nokho uma iMamelodi Sundowns igcina ngokumshaya ngomzimba, ngeke aliswele elinye iqembu njengoba noSteve Barker emfuna eKapa.
Izindaba zokuthi iStellies iyamfuna lo mdlali ziqinisekiswe isikhulu esiphezulu seqembu uRob Benadie kwiSABC Sport.
“Sinesifiso sokubona ukuthi singamthola yini (uMojela) nabanye abadlali, kodwa akukho esesivumelene ngakho okwamanje.”
IStellies iqinisa iqembu nje kungoba iyodlala emiqhudelwaneni yeCaf yamaqembu okokuqala ngqa.
OLUNYE UDABA: Seligadle kwabane izembe kwi-Orlando Pirates
Izodlala kwiCaf Confederatio Cup njengoba iqede endaweni yesithathu kwiDStv Premiership kule sizini.