Ezintsha

Ucu aluhlangani kuGavin Hunt nelePSL elimshelayo

Ngokombiko weSABC Sport, lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubudala kumanje usezingxoxweni neqembu akulo, iSuperSport United, mayelana nokuvuselela inkontileka yakhe. 

Le nkontileka yakhe izophela ngomhla ka-30 kuNhlangulana. Nakuba iSekhukhune United izimisele, uGavin Hunt ubukeka engathanda ukuhlala kwiSuperSport.

ISekhukhune United ithungatha umqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaLehlohonolo Seema, onikwe ikhefu eliyisipesheli ngenyanga edlule kulandela ukungaboni ngasolinye nobuholi beqembu. 

Ngaphandle kukaGavin Hunt, leli qembu liphinde limataniswa nomqeqeshi weGolden Arrows uSteve Komphela nomqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker.

“I-SABC Sport ithole ukuthi iSekhukhune yenze isicelo esisheshayo kuHunt,” kufundeka lo mbiko.

“Kodwa iSuperSport United ayikasho lutho ngekusasa lakhe, njengoba sekusele amasonto amabili kuphela kwinkontileka yakhe. 

“Irekhodi likaHunt limenza umqeqeshi okhangayo, njengoba anqoba izicoco ezintathu zeligi neSuperSport phakathi kuka-2008 no-2010, nesinye neBidvest Wits ngo-2017.

“Nokho, ukuhlala kwakhe isikhashana kwiKaizer Chiefs, okuthathe izinyanga eziyisishiyagalombili kuphela, nakwiChippa United, lapho exoshwe khona ngemuva kwemidlalo eyishumi, kuyichashaza elibi kwirekhodi lakhe.” 

Yize zisaqhubeka izingxoxo phakathi kukaHunt neSuperSport United abakafinyeleli esivumelwaneni. 

Lokhu kungaqiniseki kungenzeka kwenze agcine esebona umsebenzi weSekhukhune sakhanga ukukhanga.

Kodwa okwamanje uGavin Hunt usanqume ukuyizulisela njengoba esafuna ukubona ukuthi kumhambela kanjani kuMatsatsantsa. 

Khonamanjalo lo mqeqeshi ungomunye wabaphothule izifundo zokuqeqesha zecaf A License ebezihlelwe yiSafa eGoli. 

Lezi ziqu zimnika imvume yokuhlala ebhentshini emidlalweni yeCaf okuzomenza akhange kakhulu kwiSekhukhune.

Phela leli qembu liyabuyela kwiCaf Confederation Cup nangesizini ezayo njengoba liqede endaweni yesine.

Lokhu kungenxa yokuthi bobabili i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abebedlala owamanqamu weNedbank Cup baya kwiChampions League. 

Lokhu kuphendlele iqembu eliqede endaweni yesine indawo kulo mqhudelwano weCaf.