U-Eymael uphahluke ngezingxoxo zeKaizer Chiefs noNabi
– Sibongiseni Gumbi
ULuc Eymael usedalule ulwazi olubalulekile ngomqeqeshi olandelayo weKaizer Chiefs.
I-Kaizer Chiefs isemkhankasweni wokufuna umqeqeshi omusha ozokwazi ukubuyisela leli qembu esimweni elalaziwa ngaso kudala.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iFree State Stars ukuqinisekisile ukuthi umqeqeshi we-AS FAR Rabat uNasreddine Nabi nguye ozothatha izintambo kwiKaizer Chiefs.
Ngokuka-Eymael aku-95% amathuba okuthi lo mqeqeshi waseTunisia kube nguye othatha lo msebenzi weChiefs.
“IKaizer Chiefs ifuna uNabi, kodwa uma eya khona manje (iligi isaqhubeka eMorocco), uzolahlekelwa isicoco seligi eMorocco.
“Lokho kungaba yishwa kuye ngoba ungumngani wami omkhulu,” kusho u-Eymael kwabeKick Off.
“Futhi manje uNabi usefuna ukuya kwiKaizer Chiefs… Ngiyazi ukuthi bake bahlangana.”
UNabi usezakhele igama ebholeni lase-Afrika ngesikhathi evusa iYoung Africans yaseTanzania, eyinqobisa izicoco kulandelana.
U-Eymael, oke waqeqesha kwiYanga, uyalivuma ikhono likaNabi athi ufike wenza okumangazayo kwiYanga.
“Uhlanganise iqembu eliqinile ngendlela engakaze yenzeke phambilini (kwiYanga).”
Impumelelo kaNabi eMorocco nayo isidonse amehlo. Iqembu lakhe lisembangweni wesicoco seligi.
IChiefs sekuphele isikhathi eside ingenayo indebe, kanti ingcindezi iyakhula. U-Eymael ukholelwa ukuthi uNabi angazibuyisa izinsuku zenjabulo kuMakhosi. Uthe Uthe okuhle ngoNabi wukuthi ngeke athuswe ngabalandeli ngoba ujwayele ukusebenza enkundleni egcwele phama njengoba eseMorocco.
“Iminyaka emingaka ngaphandle kokuwina indebe, kuyinto enzima esikhungweni esifana neKaizer Chiefs,” kuqhuba u-Eymael.
“(Kodwa) UNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi uzokwazi yini (uNabi) ukubuyisa izinsuku zodumo kwiChiefs.
“Ngeke ngisho ukuthi uqine ngokwanele yini noma akaqinile ngokwanele (ukumelana nenselelo yakwiChiefs).
“Uma ekwazi ukuqeqesha iqembu elinjengeYanga elidlala enkundleni egcwele phama masonto onke, angisiboni isizathu esingenza angaphumeleli kwiChiefs.”
Uma iChiefs igcina ngokuqoka uNabi, kunezinguquko ezibalulekile ezilindeleke kwabasethembeni labaqeqeshi.
UDillon Sheppard, u-Aubrey Mathibe, noMuzi Maluleke bangase bakhonjwe indlela.
Lokhu kuzokwenzelwa ukuthi uNabi afike nethimba lakhe, kuheleze nomoya ohlukile eNaturena.
OLUNYE UDABA: UJunior Khanye usola uMokwena, uthi ukhakhayi aluqinile
UKaizer Motaung Senior noBobby Motaung kuthiwa yibo abaphambili ezingxoxweni, kanti kulindeleke baye eRabat, eMorocco ukuyophothula isivumelwano maduze nje.