OweCaf uphawula ngokuhlehliswa kwe-Afcon
– Intatheli yeLisenethini
Unobhala jikelele weCaf, uVeron Mosengo-Omba uthi i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco isizodlalwa ngo-2026 hhayi ngo-2025.
UVeron Mosengo-Omba uthi lokhu kuhlehliswa kwe-Afcon kungenxa yeFifa Club World Cup ezoba ngo-2025 esiphazamise izinhlelo zabo.
I-Afcon bekuhlelwe ukuthi ibe ngoNhlangulana ka-2025 eMorocco kodwa baphoqeleka ukujika izinhlelo.
“Singakwazi ukudlala ngemuva kweClub World Cup,” kusho uVeron Mosengo-Omba.
“Kodwa ngabe lokhu kulungile kubadlali abazone sebedlale isizini yonke bese emva kwalokho beye e-America ukuyodlala (kwiClub World Cup) bese ngokushesha bezodlala i-Afcon?
“Ukuhlela izinto kuyinkinga kuwo wonke umuntu njengamanje,” kwengeza yena.
Amaqembu ase-Afrika azokwazi ukungena eNdebeni yoMhlaba ezoba semazweni amathathu – i-America, yiCanada neMexico – izoba ngoNhlangulana ka-2026.
Lokhu kusho ukuthi amaqembu ase-Afrika azongena kulo mqhudelwano azoba nemiqhudelwano emibili enzima ngonyaka owodwa.
Azoqala nge-Afcon eMorroco ngoMasingana, bese ngoNhlangulana kube yiNdebe yoMhlaba.
Khonamanjalo, iFifa Club World Cup iyithuba elibalulekile lokuthi amakilabhu ase-Afrika akhombise ithalente lawo emhlabeni jikelele.
Ngokomlando kule ndebe kubusa amaqembu ase-Europe nawaseSouth America.
Mane amakilabhu ase-Afrika azobe edlala kuleClub World Cup ezayo nesihlelwe kabusha njengoba seyizoba namaqembu angu-24.
OLUNYE UDABA: U-Eymael uphahluke ngezinxoxo zeKaizer Chiefs noNabi
YiMamelodi Sundowns yakuleli, yiWydad Athletic yaseMorocco, yi-Esperance yaseTunisa ne-Al Ahly yase-Egypt.