Ngathi iyalugoba iSundowns ngoTeboho Mokoena kwelaphesheya
– Intatheli yeLisenethini
I-Al Ahly isizithole seyikeqekile kumdlali waseNingizimu Afrika ebimfuna, uTeboho Mokoena njengoba kuvela ukuthi sekuqhamuke izimbangi zaseQatar, zamhliwtha.
Ngokombiko weKingFut,uTeboho Mokoena kulindeleke ukuthi ajoyine izinkunzi zaseQatar i-Al-Wakrah.
Izinkunzi zase-Afrika, i-Al Ahly sekunesikhathi zimataniswa nalesi sihlabani seMamelodi Sundowns.
Izinkulumo zokuthi i-Al Ahly iyamfuna uTeboho Mokoena ziqine kakhulu ngemuva kokuthi edlale kahle kwi-Africa Cup of Nations ka-2023 neBafana Bafana.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 udlale yonke imidlalo yeBafana Bafana egcine iphelela kowandulela owamanqamu kwi-Afcon.
Nokho, kubukeka sengathi uMokoena uzobhekisa amabombo eQatar esikhundleni sokuya e-Egypt njengoba i-Al-Wakrah izimisele ukuqeda ukumsayina njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Imithombo yezindaba yaseQatar i-AlKass ikhiphe izindaba zokuthi uMokoena usezosebenzisana nomdlali wase-Egypt nowake waba ngumdlali we-Al Ahly u-Hamdi Fathi esiswini maphakathi nenkundla.
I-Al-Wakrah kuthiwa beyixoxisana nomdlali wasesiswini we-Al Ahly, u-Aliou Dieng.
OLUNYE UDABA: Ucu aluhlangani kuGavin Hunt nelePSL elimshelayo
Kodwa manje lokho ngathi ngeke kusenzeka njengoba leli qembu selijikele kuMokoena.