Ezintsha

Inkakha ikhala ngamaphini ‘anganamsoco’ kwiKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs – ebe nesizini embi – beyiqeqeshwa uCavin Johnson elekelelwa oDillon Sheppard no-Aubrey Mathibe (ocija onozinti). 

Le nkakha, ecele ukuba lingadalulwa igama layo, itshele iLisenethini ukuthi kwaba yiphutha elibi ukuqokwa kukaSheppard noMathibe ngoba.

“Kwagejeka ekuqokweni kwamaphini. Mina ngibona inkinga iqale lapho,” kusho le nkakha.

“UMathibe wayengeke akwazi ukunika u-Itumeleng Khune ulwazi lokuvimba ngoba wehluleka ukuncintisana naye emapalini.

“Uzokhumbula ukuthi uMathibe wahluleka waze wancama ukukhipha uKhune epalini.

“Waze wagcina ngokuthi aphume endlunkulu wayodlalela AmaZulu FC neMoroka Swallows.  

“Manje usebuyiswa kuthiwa akazocija lo Khune omhlulayo ngokuvimba? 

“USheppard naye akanalwazi nhlobo ngosiko mpilo lweKaizer Chiefs ngisho kwamadala eJudeni. 

“Ubengeke nhlobo anikeze abadlali beKaizer Chiefs ulwazi abaludingayo ngoba usebumnyameni kwayena.

“Kuzomele bahambe unomphela ngoba abadingwa yiqembu kodwa bangene ngobungani babaphathi.”

Uthe abaphathi baqasha laba njengamaphini nje yingoba bengoqa nemali, bengafuni ukuthola abantu abazi umsebenzi abazofuna umholo obhekile. 

“Inkinga abaphathi abafuni ukukhokhela abantu abazokwenza umsebenzi ngendlela efanelekile.

“IChiefs idinga abantu abanolwazi olunzulu ngebhola nangeKaizer Chiefs njengesikhungo esikhulu sebhola kuleli. 

“Baqoma ukuthatha lamaphini omqeqeshi ashibhile,” kuphetha le nkakha ebizwakala ukuthi iyanengeka ngokwenzeka eNaturena. 

Khonamanjalo kulindeleke ukuthi umqeqeshi omusha ozofika kChiefs afike namaphini akhe. 

Baningi ke abaqeqeshi okusacatshangelwa kubo kodwa njengamanje kubukeka kuzoba uNasreddine Nabi waseTunisia.