USteve Komphela uyoqeqesha kwelangaphandle
– Intatheli yeLisenethini
Kuyacaca ukuthi iGolden Arrows kuzomele ithole omunye umqeqeshi njengoba uSteve Komphela ezobe engekho kuleli ngesizini ezayo.
Lokhu kulandela ukuvela kwezokuthi uSteve Komphela ufunwa amaqembu azodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
ILisenethini ingakuveza ukuthi lo mqeqeshi kuneqembu lasenhla ne-Afrika alimfunayo, futhi kwakumele alijoyine ngoMasingana.
“Kwakumele aye kuleli qembu kodwa wacela ukuthi aqale kahle uma sekuzoqala isizini entsha,” kusho umthombo weLisenethini.
“Wathi ufuna ukuhlanganisa kahle ithimba lakhe azofika nalo, engenzi izinto esetatazela.
“Angilazi igama leqembu njengamanje. Kodwa watshela uMabhuti (Khenyeza) ngesikhathi efika kwi-Arrows ukuthi akahleli, uyadlula.
“Wathi uneqembu elisenhla ne-Afrika afunwa kulo,” kuchaza lo mthombo.
Manje i-Idiski Times seyibika ukuthi neqembu laseTanzania, iSimba SC liyamfuna uSteve Komphela.
“IiSimba SC isikhombise intshisekelo kuSteve Komphela esikhundleni somqeqeshi wayo kwisizini ka-2024/25,” kubika lo mthombo.
OLUNYE UDABA: URulani Mokwena uchaza eyencwajana ayibhalele uMudau
“I-Simba SC isixhumane noKomphela, nomqeqeshi we-ASEC Mimosas, uJulien Chevalier, ngenhloso yokuthi bazothatha umsebenzi ku-Abdelhak Benchikha, ohluleke wancama ukuqeda endaweni yesibili nokungena kwiCAF Champions League.”