DStv Premiership

Usaya amakhala ngabagadli beChiefs uPollen Ndlanya

– Alfred Ngubane
UPollen “Trompies” Ndlanya ukholwa wukuthi iKaizer Chiefs kuzomele imdedele uRanga Chivaviro noma imbolekise ngoba akalenzelanga lutho iqembu. 

Ngaphezu kokuthi akayenzelanga lutho kule sizini, uTrompies Ndlanya akakuboni okwehlukile azofika nakho ngesizini ezayo.

“Mina ngibona ukuthi kuzomele iKaizer Chiefs ithungathe abagadli ababili abanohlonzo,” kusho uTrompies engxoxweni yakhe neLisenethini.

“Kufanele ithole abazohluka kulaba bagadli abakhona njengamanje ngoba umsebenzi wabo abaqashelwe wona ubahlulile. 

“URanga Chivaviro ijezi leKaizer Chiefs liyamsinda, kuzomele abaphathi beqembu bambolekise ayolanda ifomu kwelinye iqembu.”

Ebuzwa ukuthi yini le ayibona ishoda kulo mgadli, uPollen Ndlanya ubalule ukuzethemba athe yinto ebalulekile kumgadli. 

UChivaviro ngomunye wabadlali abafike kunethenjana lokuthi kuningi okuhle abazokwenzela iChiefs kule sizini esongwayo. 

Kepha ukulimala ngasekuqaleni kwesizini kumphazamisile njengoba ezewabuyela eqenjini maphakathi nesizini, izinto sezimapeketwane kakhulu.

Nengcindezi beyisinkulu kakhulu ngaleso sikhathi, kanti noNdlanya uyakuqonda kokho.

“Ngimbonile ukuthi akanakho nhlobo ukuzithemba kepha ngicabanga ukuthi kudalwe yisimo seqembu afike liyona.”  

Kwayena uNdlanya efika kwiChiefs waqale wabolekiswa kwiManning Rangers, waze wabuya ngo-1996 esengumgadli ongcono.