URulani Mokwena uchaza eyencwajana ayibhalele uMudau
– Sibongiseni Gumbi
Usolwe kakhulu uRulani Mokwena ngokusebenzisa iqhinga lokuphoqa uKhuliso Mudau ukuthi aqhubeke nokudlala ngisho eselimele.
UMudau walimala esiwombeni sokuqala somdlalo wamanqamu weNedbank Cup bebhekene ne-Orlando Pirates kodwa uRulani Mokwena wamncenga ukuthi aqhubeke nomdlalo.
Kukhona la lo mqeqeshi athumezela uMudau incwajana okwakukholakala ukuthi ubembuza ukuthi amkhiphe yini.
Kodwa ngoLwesithathu kuvele izithombe zale ncwajana ezishuthwe uVino Snap, ezikhombisa umlayezo wakhona.
“Ngathi kuwe ngingakufela, nawe ngicela ungangilahli,” beyifundeka kanje le ncwajana.
NgoLwesine uRulani Mokwena uphumele obala ngale ncwadi njengoba ebesolwa ngokuphoqa lo mdlali ukudlala elimele.
“Empeleni anginankinga nalento eyenziwe uVino ngoba nginezincwajana eziningi kabi engizibhalele abadlali eminyakeni edlule.
“Futhi kukhona nezimbi kakhulu kunalena,” kusho lo mqeqeshi kwiSABC Sport.
“Okungijabulisayo ngalokhu wukuthi kuveze indlela ayiyona uSailor.
“Kuveza indlela leli qembu eliyiyona – bangabantu abalungile, abathembekile, abaneqiniso futhi abazidelayo.
“Le yokumfela imayelana nento ephathelene naye ngqo uSailor abebhekene nayo – Angifuni ukungena kuyo kakhulu.
“Ngangimtshelile ngosuku olungaphambi komdlalo ukuthi ngingamfela. Iyaxaka indlela impilo ebuye ibe yiyo.
“Umuntu oyiqhawe lapha uSailor, ukhombise ukuthembeka ngoba sonke sibonile ukuthi udlale kanjani.
“Ubengomunye wabadlali bethu abadlale kahle kulo mdlalo, ngaphandle kwaleliya phutha elisilimazile. Kodwa uyiqhawe lempela.”
Ube eseveza ukuthi kuyenzeka abadlali bateteme, bexhuge noma sekupholile ukugwema ukudlala.
“Abadlali abaningi bayakubalekela ukudlala, bezwa ubuhlungwana nje…
“Kodwa ukubona yena engamenzeli phansi umqeqeshi, engenzeli ozakwabo phansi… Edlala nabo ubuhlungu ngemuva kwaleya ncwajana….
“Nokuthi wadlala kwi-Afcon elimele kanzima eqakaleni kukhomba ukuthi ulithanda kanjani ibhola,” kwengeza uMokwena.
OLUNYE UDABA: AmaZulu asechithe abathathu ngemvume yomqeqeshi
“Abanye abadlali bayazenzisa futhi abakujabuleli ukudlala kodwa bajabulela ukuhola.”