Ezintsha

Ukhala ngetulo lokumchitha kwiBaroka uDan Malesela 

UDaniel Malesela, umqeqeshi weBaroka FC osamisiwe, useveze ukuthi ayikho into amiselwe yona, kodwa kudliwa amandla akhe nje mahhala. 

IBaroka imemezele ngoMsombuluko ukuthi uDaniel Malesela umisiwe emsebenzini njengoba kusaphenywa izinsolo zokungaziphathi kahle. 

Kube sekuvela imibiko ethi kulezi zinsolo kukhona nezokuthi ubeyalela amaqembu eDStv Premiership ngabadlali angavuka nabo kwiBaroka.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu, uDan Dance – okuyigama lesidlaliso lalo mqeqeshi – akakuphikanga lokhu.

“Ngisetshenzisiwe ngase ngilaxazwa,” usho kanje uDaniel Malesela kwiSNW okuwuhlelo lomsakazo iVuma FM olushayelwa uRobert Marawa. 

“Uyazi uma sewumisiwe emsebenzini, (ebholeni) kusho ukuthi sebekuxoshile…”

Yize engalibekanga ngembaba, ube eseveza ukuthi bekukhona ukungenelela obekukhona emsebenzini wakhe.

“Kunabantu abaningi abazi ibhola, kodwa labo bantu abaningi abakwazi ukuqeqesha. 

“Wonke umuntu uve abe ngumqeqeshi esikhaleni, avele abe nolwazi oluningi ngebhola esikhaleni nje.

“Kodwa okuhle ukuthi bonke laba bafana ebengibaqeqesha sebefunwa amanye amaqembu manje. Lokho ngiyakwazi. 

“Laba bafana bebengaziwa. Leli qembu belinganakiwe. Ngiyabajabulela laba bafana ukuba kuleli zinga asebekulo manje. 

“Inkinga nje wukuthi mina ngihlezi ngithuthukisa abadlali… bese kwenzakalani kimi?”

UDaniel Malesela uvamile ukufike ajike izinto eqenjini, alenze lidlale ibhola elihle nelihehayo kodwa bese ephikwa yimiphumela.

Nokho kwiBaroka wenze kangcono njengoba efike ingasemsileni kodwa wayinyusa yaze yaqeda endaweni yesithathu kwilogi yeMotsepe Foundation Championship.

Lokhu kuyifake emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership la ibangisana khona neRichards Bay ne-University of Pretoria. 

Ishayiwe emdlalweni wayo wokuqala kule yokuhlunga ngempelasonto, kwasa ngakusasa wamiswa uMalesela.

Kuzobe sekuhlezi uMorgan Mammila ebhentshini uma iBaroka seyibhekene neRichards Bay ekhaya ngoMgqibelo.