UFarouk Kadodia uveza isihibe ngokuthenga iSwallows
– Alfred Ngubane
Usihlalo weMaritzburg United, uFarouk Kadodia akakufihli ukuthi engakujabulela ukuthenga isitifiketi seMoroka Swallows.
Empeleni nje uFarouk Kadodia utshele iLisenethini ukuthi uyaxoxisana nosihlalo weSwallows uDavid Mogashoa ngokuthengiselana.
Kuvele kuleli sonto ukuthi uMogashoa usedelile yileli qembu futhi uma kufika ophethe imali emjabulisayo uzolidedela.
Kuthiwa ukhala ngezindleko esezenze waze wagcina engena nasemalini yezingane zakhe ukugcina ezinye zezindleko zeqembu.
Kusukela iSwallows yakhushulelwa esigabeni esiphezulu, seyibe nezingqinamba eziningi zezimali.
Cishe kulamasizini amathathu ibuyile kwiDStv Premiership, ayikho ephela kungabanga nezinkinga zezimali.
Kule esongwayo kuze kwanemidlalo emibili yeligi engayidlali ngoDisemba ngoba abadlali betelekile, bekhala ngokuthi bafuna ukuholelwa ingakapheli inyanga.
Babesola ukuthi uma belinda usuku lokuhola, bazogcina beyizwe ngendaba imiholo yabo.
Yize ezinye zezizathu ezenza ukuthi uMogashoa ayifake endalini iSwallows kanti uFarouk Kadodia ngomunye wabayifisayo.
“Impela ngiyafuna ukuyithenga futhi ngiyaxoxisana nabo,” kusho uKadodia kafushane exoxa neLisenethini.
OLUNYE UDABA: Usaya amakhala ngabagadli beChiefs uPollen Ndlanya
“Kodwa kunenkinga eyenza kube nzima ukuthi sivumelane. ISwallows inezikweletu eziningi kakhulu.”
Ufuna ukuthenga isitifiketi nje uKadodia yingoba leli qembu lakhe lehluleke kancane ukungena emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership.
I-Blue Army igcine iphelele endaweni yesine kwiMotsepe Foundation Championship, yashoda ngephuzu elilodwa ukuthi yeqe iBaroka kube yiyo eyodlala eyokuhlunga.
Yingakho manje uKadodia esezama ukungena ngokuthenga kwiDStv Premiership. IMaritzburg idliwe yizembe kulesi sigaba ekupheleni kwesizini edlule.