Ezintsha

Sibheka abadlali abahlanu abamataniswa neKaizer Chiefs

I-Kaizer Chiefs ibheke kwelinye iwindi lokuhwebelana ngabadlali kulindelwe lukhulu kuyo.

Lokhu kungenxa yokuthi izimbangi ezinkulu zeKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, ziyaqhubeka nokuqinisa amaqembu azo. 

Baningi ke abadlali abamataniswa naleli qembu laseNaturena okubhekwe lijike izinto ngesizini ezayo, ligweme ukuhlanganisa iminyaka eyishumi lingenandebe. 

ILisenethini seyihlanganise uhlu lwabadlali abahlanu okuyibona okusenemahlebezi okuthi bafunwa yiKaizer Chiefs. 

Kuvela ukuthi leli qembu lihlela ukuyozitamuzela abadlali eqenjini elidliwe yizembe kwiDStv Premiership, iCape Town Spurs. 

Kuthiwa iChiefs ifuna u-Asanele Velebayi kwiSpurs kanti ungomunye wabadlali okuvela ukuthi maningi amaqembu azibhekile kuye.

Akuyena yedwa umdlali ophuma kwi-Urban Warriors ocathanyelwa yiChiefs; kuthiwa leli qembu linentshisekelo nangomgadli, u-Ashley Cupido.

Ngaphezu kwalokho, iChiefs igaqele abadlali ababili beBafana Bafana, u-Elias Mokwana no-Oswin Appollis. 

Baphinde bamataniswa nomdlali wasemuva weStellenbosch FC, okuyiqembu Amakhosi asebenze kahle nalo kula masizini amathathu edlule.

Uhlu olugcwele: 

U-Oswin Appollis, 22, umgadli – Polokwane City

Elias Mokwana, 24, umgadli – Sekhukhune United

U-Ashley Cupido, 22, umgadli, Cape Town Spurs

UFawaaz Basadien, 27, odlala kwesokunxele emuva, – Stellenbosch FC

Asanele Velebayi, 21, umgadli – Cape Town City.