Idilize abahlanu iCity, u-Eric Tinkler uhlanganisa inqanawe
– Sibongiseni Gumbi
U-Eric Tinkler wakubeka kwacaca ngemuva komdlalo wokugcina weCape Town City ukuthi isikhathi sokudlalisa amapopayi siphelile kuleli qembu.
Izenzo zika-Eric Tinkler seziyakubonisa ukuthi wayengadlali ngalamazi akhe njengoba eseqalile ekhuculula iqembu lakhe.
Ekhuluma ngemuva komdlalo la bashaya khona iMamelodi Sundowns ngo 1-0, lo mqeqeshi wathi bakhathele abadlali abasuke bezozakhela igama kuleli qembu.
“Abadlali akumele basibone siyisitebhisi sokunyukela emaqenjini angcono nje kuphela,” kusho u-Eric Tinkler.
“Ayikho into embi ngokuba nezifiso ezinkulu, nokufisa ukuya ezindaweni ezingcono.
“Akukho okubi kulokho. Kodwa kumele ukhumbule ukuthi sikulethe eqenjini ngoba siyiqembu elifuna ukunqoba izindebe.
“Indlela yokucabanga kumele ijike. Kumele bazi ukuthi uma beza kwiCity, beza eqenjini elifuna ukuqeda kwamane aphezulu kwilogi.
“Siyiqembu elifuna ukudlala imidlalo yamanqamu, siyiqembu elifuna ukulwela isicoco seligi.”
ICitizens kubikwa seyiqede konke noFortune Makaringe odedelwe yi-Orlando Pirates nokulindeleke ayijoyine ngoNtulikazi uma seyiqala amalungiselelo esizini entsha.
NgoLwesine ekuseni leli qembu limemezele ukuthi selikhulule abadlali abahlanu njengoba lizihlela kabusha.
Laba abadedeliwe ngoThabiso Kutumela, Bongani Mpandle, Khanya Leshabane, Jo Pancienca norelebogile Mokhuoane.
OLUNYE UDABA: Ukhala ngetulo lokumchitha kwiBaroka uDan Malesela
UMokhuoane yena kuke kwavela ukuthi uzoya kwiSekhukhune United, ashintshane noKamohelo Mokotjo ozoya kwiCity.