Ezintsha

UJunior Khanye usola uMokwena, uthi ukhakhayi aluqinile

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, uthe ukuntula amava kukaRulani Mokwena kuhlale obala emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto edlule.

URulani Mokwena uhlulwe okwesibili kowamanqamu kulandelana yi-Orlando Pirates, kanti uJunior Khanye usola amava. 

Inqobe iligi iyishiya ngamaphuzu angu-23 iPirates, iMamelodi Sundowns iyona ephethe iDStv Premiership ka-2023/24 futhi ihlulwe kanye nje vo emidlalweni yeligi.

ISundowns iye kowamanqamu weNedbank Cup kuyiyo ebhekiwe kodwa yahlulwa amaqhinga kaJose Riveiro aqeda ngayo.

Manje uJunior Khanye ukholelwa ekutheni amava kaRulani amenzele phansi futhi amaqhinga akhe alahlekisele iqembu lakhe ngeNedbank Cup.

“Ngicabanga ukuthi lo mdlalo wamanqamu uveze ukuthi uRulani Mokwena usemncane. 

“Lo mdlalo wamanqamu usikhumbuze ukuthi uRulani usemncane,” kusho uJunior Khanye kwi-iDiski TV. 

“Uqale umdlalo nabadlali abane basesiswini oMarcelo Allende, uBongani Zungu, uTeboho Mokoena noBathusi Aubaas. Abadlali basesiswini abane. 

“Lokhu bekusho ukuthi bebengenabo abadlali abenele uma beya phambilini. 

“ULucas Ribeiro ubeyedwa isikhathi esiningi esiwombeni sokuqala,” kuqhuba uKhanye. 

“Isibonelo sesibili sokungabi nalwazi kukaRulani yilapho ephikelele ukuthi adlalise uKhuliso Mudau nakuba elimale ihlombe ngesiwombe sokuqala.

“Umqeqeshi uncamela ukudlala ngomdlali olimele bekhona abanye ebhentshini.”

Ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup, uKhanye wayeqagule ukuthi iqembu likaRulani lizozenzela kwiPirates.

“Ngidinga ukukhuluma iqiniso, abadlali beSundowns banamava kunabadlali bePirates njengoba bedlala kwiCaf Champions League njalo. 

“Noma yisiphi isimo ababhekene naso bangalenza icebo,” wayesho kanje, kodwa wagcina ewagwinyile amazwi akhe.