DStv PremiershipEzintsha

AmaZulu asechithe abathathu ngemvume yomqeqeshi

Liqale kwabathathi izembe njengoba iqembu leDStv Premiership laseThekwini, AmaZulu FC, lenza izinguquko zokulungiselela isizini ezayo. 

AmaZulu awabanga nesizini enhle njengoba ebelengela ezembeni ngasekupheleni kwesizini.

Nokho agcine engasondelanga kwakulo izembe lelo, aqeda endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-36.

Bekuyihlazo ke lokhu uma ubheka ukuthi ekuqaleni kwesizini AmaZulu abezibekele ukuqeda ezindaweni ezine eziphezulu kwilogi. 

Yingakho ke kumele kwenziwe izinguquko ezithile ukuqinisekisa ukuthi isizini ezayo iba ngcono. 

Izembe liqale koGeorge Maluleka, Augustine Kwem noVeluyeke Zulu – bobathathu abasayinwe eminyakeni emibili edlule.

Izindaba zokuthi laba badlali bayachithwa kulandela ukuphela kwezinkontileka zabo zivezwe umengameli weqembu uSandile Zungu kwabeSABC Sport.  

“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi bayashiya eqenjini ngoba izinkontileka zabo sezifike emaphethelweni,” kusho uZungu. 

“Umqeqeshi nasebenzisana nabo bamatasa ngokuhlanganisa umhlahlandlela futhi banezinye izinhlelo (ezingabafaki laba badlali). 

“Ngakho lokhu kusho ukutho oVeluyeke Zulu, uGeorge Maluleka no-Augustine Kwem ngeke besahlala lapha.” 

U-Augustine Kwem kungenzeka angawusweli isikhathi eside umsebenzi njengoba igama lakhe selike lavela kwawalabo abafunwa yiCape Town City. 

Lo mgadli oneminyaka engu-26, odabuka eNigeria kodwa osenobuzwe bakuleli, ushaye amagoli angu-11 emidlalweni engu-46 Osuthwini.

Njengoba eseneminyaka engu-35, uGeorge Maluleka uyena okubukeka engakuthola kunzima ukuthola elinye iqembu azodlala kulo. 

UVeluyeke Zulu – oneminyaka engu-29, kuvela ukuthi angasebuyele kwiChippa United la ayedlala khona kahle eze eheha Usuthu nje. 

Kusengenzeka AmaZulu adedele nabanye njengoba umqeqeshi, uPablo Martin esaqhubeka nokuhlanganisa uhlelo lwesizini ezayo.