UZizi Kodwa uphume enkantolo wesula kwesobungqongqoshe
– Intatheli yeLisenethini
Usesulile emsebenzini wokuba ngungqongqoshe wezeMidlalo uZizi Kodwa obevele enkantolo yasePalm Ridge ngamacala okwamukela ukugwazelwa.
UZizi Kodwa ubhekene namacala enkohlakalo yemali efinyelela ku-R1.7-million.
Uvele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesithathu ekuseni. Kumanje ungaphandle ngebheyili ka-R30 000.
Umnyango abewuphethe usumemezele ukuthi usesulile esikhundleni sakhe njengoba esabhekene naleli cala.
“UZizi Kodwa, oyilungu lePhalamende, umemezele ukwesula kwakhe ngokushesha njengongqongqoshe wezeMidlalo, Ubuciko Namasiko.
“Lokhu kuvele yize uKodwa ephikisana namacala abekwe wona,” kusho lo mnyango esitatimendeni sangoLwesithathu ntambama.
“UKodwa utshele umengameli ukuthi uzosula njengongqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngemuva kokuthweswa icala ngokusemthethweni.
OLUNYE UDABA: Owe-Bay uzolwela ukuvika ‘impindamshaye’ kweyokuhlunga
“UKodwa uzwakalisa ukubonga okukhulu kumengameli neqembu eliphethe ngokuthola ithuba lokusebenzela isizwe.”