Ezintsha

UMokwena ‘wamphoqa’ uMudau ukuthi adlale elimele

Abaningi basale becabanga ukuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ubebuza kumdlali wakhe uKhuliso Mudau ukuthi amkhiphe yini.

Lokhu kungenxa yokuthi uKhuliso Mudau ubonakale enza uphawu lwesandla oluthi akakhishwe ngemuva kokufunda le ncwajana.

Lesi sigameko senzeke emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup la iSundowns ibibhekene ne-Orlando Pirates.

Unqotshwe yiPirates lo mdlalo obeseMbombela Stadium, eNelspruit ngoMgqibelo odlule. 

UKhuliso Mudau walimala kabana ehlombe esiwombeni sokuqala, waze wagcina esebhandishiwe, waphuziswa namaphilisi ezinhlungu. 

Ukubuya kwakhe esiwombeni sesibili njengoba ayebonakale edonsa kanzima kodwa waqhubeka umdlalo waze waphela. 

Kodwa manje umthwebuli wezithombe zebhola owaziwa ngelikaVino Snap useveze izithombe azishutha kulo mdlalo. 

Kulezi zithombe kuvela ukuthi uMokwena wayenxenxa uMudau ukuthi ancenge noma eselimele.

Empeleni wayemncindezela, ekhuluma amagama okuthi uyamkweleta ngakho kumele afele khona enkundleni.

“Ngathi kuwe ngingakufela, nawe ngicela ungangilahli,” asho kanje lamazwi kaMokwena abhalwe ngesiNgisi.