Ezintsha

UMlwane uhlongoza ukuthi iChiefs ikhuculule kubaqeqeshi

Inkakha yeKaizer Chiefs, u-Humphrey Mlwane ufisa sengathi leli qembu lingaliqala kabusha lonke ithimba labaqeqeshi – khukhucululwe bonke abadala.

Ngokubona kukaHumphrey Mlwane, ukubuyisela uCavin Johnson esikhundleni sakhe esidala kwiKaizer Chiefs kuzobe kufana nokufihla izibi ngemuva kwesicabha. 

Le nkakha eyadlala kwiKaizer Chiefs ngeminyaka yo-90, ibona kufanele kungasali noyedwa kwabebesethimbeni labaqeqeshi uma sekulungiselelwa isizini entsha.

“Mina ngibona ukuthi kuzomele ibhentshi leChiefs lihambe lonke noCavin Johnson oyibamba lomqeqeshi ngoba umsebenzi ubahlulile,” kusho uHumphrey Mlwane.

“Ngicabanga ukuthi bonke bahlulwe ngumsebenzi njengoba iqembu liqede kunombolo 10. 

“Kubi ngempela okwenzeke kwiChiefs ngoba yiqembu elikhulu,” kwenaba le nkakha eyayidlala esiswini ngezikhathi zayo.  

Nokho, uma kuwukuthi ngenxa yezinkontileka, kukhona iqembu elingeke likwazi ukubaxosha, uMlwane ufisa baqheliswe eqenjini elikhulu. 

“Mhlawumbe oDavid Mathebula noDillon Sheppard bangatshalwa ezinhlakeni zokukhulisa abadlali abasebancane.

“Kube wumsebenzi wabo ukupholisha abadlali abancane abazoba yikusasa leChiefs.

“I-Kaizer Chiefs idinga ukuqalwa phansi, kuqaqwe nje konke njengoba kuvalwe iligi,” kusho uMlwane.

UMlwane wagqama ebholeni elikhokhelayo kuleli egijima kwiMoroka Swallows, Kaizer Chiefs, neManning Rangers.  

Wayibamba ishisa intsimbi ngaphansi komqeqeshi uPaul Dolezar ongasekho emhlabeni.