Ezintsha

UMakaringe uthembisa ukuyimela ngobuqotho iPirates 

Ukudlalela i-Orlando Pirates kuyacaca bekuyiphupho lakhe okwangempela uFortune Makaringe njengoba esayithembisa izinto ezinhle noma eseshiya kuyo.

UFortune Makaringe, oneminyaka engu-31, ube ngumdlali wesibili ukukhululwa yi-Orlando Pirates njengoba izihlela kabusha.

Umdlali wokuqala odedeliwe kube ngumgadli odabuka eCameroon uSouaibou Marou, okhululwe ngoMsombuluko. 

UMakaringe, ofike kwiPirates esuka kwiMaritzburg United ngo-2019, futhi wafike waba ngomunye wabadlali abagqamile kuleli qembu.

Kodwa ngokuhamba kweminyaka uFortune Makaringe uzithole eselizwa ngendaba ijezi njengoba sekuphethe ngokuthi akhonjwe indlela.

Ubhale kwi-Intsagram yakhe ebonga i-Orlando Pirates ngethuba emnike lona, wafunga ukuthi uyohlale eyiBhakabhaka. 

“Ngibonge ngokuzithoba kusihlalo, u-Irvin Khoza, abafowethu abdala, udadewethu omncane, ibhodi yabaqondisi ngokubanzi,” kubhala uMakaringe. 

“Ngibonga kakhulu ngethuba eninginike lona lokuthi ngifunde futhi ngizizwele ukuthi yini edingekayo ukuze ngibe yiBhakabhaka. 

“Ninginike isithombe esigcwele ngomsebenzi, esiyohlala sihambisana nomndeni we-Orlando Pirates.

“Kuyintokozo kimi ukwamukela ukuthi umsebenzi sewumkhulu kakhulu manje ngoba sengimele igama leqembu noma kuphi lapho ngiya khona. 

“Ngakho kuyohlale kungithobisa lokhu. Eqenjini lilonke… Kube yisikhathi esimangalisayo sezinkumbulo ezingasoze zalibaleka.”