Ezintsha

U-Ikpeba uthuwa yiBafana engasayisabi iSuper Eagles

Owayengumgadli weqembu lesizwe laseNigeria, uVictor Ikpeba useveze ukukhathazeka kwakhe ngokuthi elakuleli, iBafana Bafana alisayisabi iSuper Eagles. 

Emidlalweni yakamuva yalamaqembu kuvele ukuthi igebe ebelikhona phakathi kweBafana neSuper Eagles selinciphile impela.

Kuthi noma inqoba iSuper Eagles, kube wukuphuma ngembobo yenaliti njengoba kwenzekile nakwi-Africa Cup of Nations ngoJanuwari.

INigeria yanqoba sekukhahlelwa amaphenathi, ila iBafana ifuna ukuyihlambazala.

Manje lokho kuyamkhathaza u-Ikpeba, onovalo lokuthi iBafana ingabaphoxa bagcine bengayanga eNdebeni yoMhlaba ngo-2026.

“INingizimu Afrika izoba nenkani njengoba sibonile kwi-Afcon edlule,” kusho u-Ikpeba. 

“Kuningi okubahambela kahle eqenjini labo, futhi iNigeria ayisabathusi nhlobo.

“I-Super Eagles kuzomele isukume iyishaye e-Uyo,” kwengeza le nkakha. 

I-Nigeria izokwamukela iBafana Bafana eGodswill Akpabio International Stadium e-Uyo ngoLwesihlanu.

Lamaqembu azobe egadulisana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Lamaqembu aqhathwe kuGroup C neRwanda, Lesotho, Zimbabwe neBenin. Yize lamanye amaqembu engenamlando otheni, kodwa angaba yingozi embi.