DStv PremiershipEzintsha

Selisendalini ele-DStv Premiership elidonsa kanzima

IMoroka Swallows ingase idayiswe maduze, njengoba umnikazi wayo uDavid Mogashoa kubikwa ukuthi uvulelekile ukuzwa abayifunayo. 

Ngokubika kwe-SABC Sport, iZinyoni zaseDube kungenzeka zingabuyi ngesizini ka-2024/25 ngaphansi kobuholi obufanayo.

Lokhu kuzokwenzeka uma uMogashoa ethola le mali ayilindele kwabafisa ukuyithenga, futhi nePremier Soccer League (PSL) ikwamukela ukudayiselana kwabo.

Kungase kungamangazi kwabaningi, njengoba uMogashoa kudingeke ukuthi afake imali yakhe eseceleni ukuze iqembu liqhubeke nokusebenza. 

Izinselelo zokuphatha  ikilabhu ekulesi sigaba ngaphandle kwabaxhasi abakhulu ziholele ekutheni abadlali bagcine sebeteleka ngoDisemba. 

Phambilini kuke kwabikwa ukuthi iMoroka Swallows yabathola abaxhasi okuyiTelkom neGold Rush kodwa iPSL yabachitha ngenxa yemithetho ethile elawula ukuxhaswa. 

Ngalaba baxhasi, uMogashoa ngabe akakucabangi kwakukucabanga ukudayisa ikilabhu.

Phela usebenze kanzima ukubuyisa iZinyoni zaseDube ngemuva kogawulwa yizembe ngo-2015, zaze zagcina ziyodlala kwi-ABC Motsepe League.

Kuvela ukuthi kukhona asebevele bakhombise intshisekelo yokuthenga isitifiketi seSwallows.

Kodwa imininingwane yabo iseyimfihlo okwamanje ukuze kugwemeke ukuphazamiseka kokuxoxisana ngokuthula. 

Ikilabhu ye-DStv Premiership kukholakala ukuthi ibiza u-R40 million kuya phezulu. 

Ngesikhathi ethintwa yiSABC Sport ukuze aphawule usihlalo weSwallows uMogashoa akazange aphendule.