Owe-Bay uzolwela ukuvika ‘impindamshaye’ kweyokuhlunga
– Sibongiseni Gumbi
Umdlali wasemuva weRichards Bay, uSibusiso Mthethwa usabukhumbula ngathi yinto yayizolo ubuhlungu abuzwa bedliwa yizembe kade bezithembise ukulivika ngemidlalo yokuhlunga.
UMthethwa wabhekana nalesi simo ngesizini ka-2015/16 esadlala kwi-University of Pretoria eyayiqede endaweni ka-15 kwilogi yeDStv Premiership (isabizwa nge-Absa Premiership).
AmaTuks ayezibona enethuba lokshaya ijika, abuyele esigabeni esiphezulu ngokwehlula amaqembu ayesuka kwiNational First Division.
Yayidlala le midlalo ewumqhudelwano weqoqo lamaqembu amathathu neHighlands Park neMbombela United.
Nokho kwawabhimbela AmaTuks kuleyo midlalo njengoba yanqotshwa iyiHighlands Park, wasala neminjunju engalibaleki kulo mdlali weRichards Bay.
Ekhuluma neSolezwe kuleli sonto, uMthethwa – osedlala kwiRichards Bay – uthe akafuni kumphinde lokho.
“Angiyifisi leyo,” kusho yena. “Ngoba ngiyabazi ubuhlungu bayo, ngakho angifisi ukuthi iphinde ingehlele…
“Yingakho nginethemba lokuthi sizokwazi ukuyinqoba le midlalo sibuyele kwiPremiership.
“Ukwehlela kwiMotsepe Championship kufana nokulahlekelwa ngumsebenzi kubadlali, ngenxa yobunzima balesiya sigaba.”
OLUNYE UDABA: UMokwena ‘wamphoqa’ uMudau ukuthi adlale elimele
IRicahrds Bay izoqala imidlalo yokuhlunga ngoLwesithathu ngo-3 ntambama ibhekene naMaTuks ekhaya.