Ezintsha

Livuliwe isango kwiPirates, sibheka abanye abazokhululwa 

Aseqale ngegiya eliphezulu kwi-Orlando Pirates amalungiselelo esizini entsha njengoba seyidedele abadlali ababili engasabadingi.

Nokho kuvela ukuthi ayiqedile njengoba kusenabanye abazodedelwa njengoba i-Orlando Pirates ifuna ukuhlela izinto kabusha.

Umgadli, uSuaibou Marou, nomdlali wasesiswini, uFortune Makaringe sebevele bakhululiwe ngokusemthethweni kuleli qembu laseSoweto. 

Ngeshwa, libuye lashiywa nayiphi lo mqeqeshi uSergio Almenara obeyinsika yomqeqeshi uJose Riveiro.

Nokho yena uhambe ngesihle kulandela ukucela kwakhe ngoba efuna ukuyoba seduze nomndeni wakhe asanda kuwuthuthela eFinland usuka eSpain. 

I-Soccer Laduuma ibika ukuthi kusenabanye abadlali abahlanu abasazokhinjwa indlela kwiBucs. 

Labo ngoKermit Erasmus, uSiyabonga Mpontshane, uBandile Shandu, uBongani Sam, noThabang Monare. 

UBongani Sam yena ubevele kade ebolekiswe kwiMoroka Swallows kanti bekulindeleke abuyiswe ngesizini ezayo njengoba i-Orlando Pirates ishoda emuva kwesokunxele.

Ino-Innocent Maela noPaseka Mako kuphela kanti ngesikhathi belimele bobabili iphoqeleke ukushintsha uDeon Hotto adlale kule ndawo.

Nokho kunamahlebezi okuthi ifuna uRiaan Hanamub waMaZulu FC odlala kuyo le ndawo. 

UBandile Shandu yena ubelimele ingxenye enkulu yale sizini okwenze iqembu lize lithenge uThabiso Lebitso kwiChippa United. 

Ufike wenza kahle kakhulu kanti njengoba leli qembu limataniswa nokaputeni weStellenbosch, uDeeno van Rooyen, kungenzeka isikhala sikaShandu siphele.