Ezintsha

I-SuperSport icuthise izindlebe ngozodedelwa yiPirates

Njengoba kunabadlali okulindeleke badedelwe kwi-Orlando Pirates, kuvela ukuthi i-SuperSport United iconsa amathe ngomunye wabo.

I-SuperSport United ingelinye lamaqembu asephoqeleke ukuthi aqinise isandla ezimalini njengoba isimo singesihle kanti ingajabula ukumsayina mahhala lo mdlali. 

UBandile Shandu, odlala kwesokudla emuva, nguye ofunwa uGavin Hunt kuMatsatsantsa njegoba ephelelwa yinkontileka ekupheleni kukaNhlangulana. 

Yize kungakaqinisekiswa yiqembu, uShandu ungmunye wabadlali okubikwa ukuthi basohlwini lwabazodedelwa yiPirates njengoba izihlela kabusha. 

Ngokubika kweSoccer Laduuma, uShandu ngeke aliswele iqembu azodlala kulo uma kwenzeka iPirates inquma ukumdedela.

Phela yize inkontileka iphela, kodwa leli qembu linombandela wokuyivuselela uma lifisa ukwenza kanjalo. 

“IChippa United iyona ekhombise kuqala intshisekelo kuye, kodwa njengamanje yiSuperSport ehamba phambili emjahweni wokusayina uShandu.

“Njengamanje engathathwa njengomuntu ongasenaqembu,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Kodwa iPirates ayikakasho ukuthi iyamkhulula noma iyamgcina. Futhi njengoba ekhona kuyo ingavuselela noma nini.” 

UShandu akadlalanga kangako kule sizini kwiBucs kulandela ukulimala okumhlalise ngaphandle isizini yonke. 

Ngesikhathi elimele, iPirates isayine uThabiso Lebitso kwiChippa kanti ufike wenza kahle kakhulu.