Ezintsha

Akanankinga uMhango ngokushaywa ngesithende kelesizwe

Umgadli weMoroka Swallows, uGabadinho Mhango usephawulile ngokusala kwakhe eqenjini lesizwe langakubo, iFlames yaseMalawi.

Yize uGabadinho Mhango ebe nesizini enhle kwiSwallows, eshaya amagoli ayisishiyagalombili, akekho eqenjini lesizwe.

Umqeqeshi weFlames, uPatrick Mabedi akamfakanga lo mgadli eqenjini lakhe elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026. 

IMalawi izodlala neSao Tome and Prencipe ne-Equotorial Guinea njengoba njeboba kuyiviki lemidlalo yeFifa nje. 

Yize ebengakuthanda ukuba yingxenye yeqembu, uGabadinho Mhango uthi akanankinga nokushiywa ngaphandle.

“Mina anginankinga nalokho, kulungile,” kusho lo mdlali oseke wagijima nakwi-Orlando Pirates kwabeNation Online. 

“Ekugcineni kwakho konke, umqeqeshi othatha isinqumo futhi mina akukho engingakwenza ngaso. 

“Yize bengingakuthanda ukumela izwe lami, kumele ngisihloniphe isinqumo esithathiwe. 

“Ngiyakuthanda ukumela izwe lami, kodwa mhlawumbe angikhona okudingwa umqeqeshi ezinhlelweni zakhe.”

Lo mgadli oneminyaka engu-31 ufisele ozakwabo okuhle, wabanxenxa ukuthi bawakhiphe wonke amangwevu. 

“Ngifuna ukubanxenxa ukuthi bazikhandle, bawakhiphe wonke amangwevu benzela isizwe, siyabeseka ngayo yonke indlela.”